Ezemidlalo  | 17

Friday, 14 March 2025

Image

Umqeqeshi ucasulwe yisinqumo seVAR

Ubebheke ukuhamba ibanga elide kwi-Uefa Champions League

UKHALA uyazithulisa ngesinqumo se-video       assistant referee (VAR) sokuphika iphenathi kaJulian Alvarez umqeqeshi we-Atletico Madrid, uDiego Simeone (okwesingenhla) ngesikhathi ezakhe ziguqiswa ngomkhaya bazo, iReal Madrid ngo-4-2 wamaphenathi koweLast 16 se-Uefa Champions League.

Umdlalo bewuphele ngo-1-0 emlenzeni wesibili. Emlenzeni wokuqala ezikaSimeone ziguqe ngo-2-1 okwenze umdlalo wadlulela kwi-extra time.


Ekhuluma emuva komdlalo lo mqeqeshi, uthe uyaziqhenya ngomsebenzi owenziwe ngabadlali bakhe nakuba benganqobanga, okuyinto abekade eyifisa.

"Besingakujabulela ukudlala owamanqamu      kodwa kwangenzeka. Ngiyaziqhenya ngendlela esidlale ngayo kulo mdlalo. Ngiyakweshwama lokhu engikubone kulo mdlalo.
"Selokhu ngaba khona ebholeni, kangikaze ngibone iVAR kuyiyona ethatha isinqumo ngephe-nathi. Ngeke ngisalukhalela ubisi oluchithekile, sizovuka sizithathe, siphinde sizame ngokuzayo," esho.

Image

NGU-JULIAN Alvarez we-Atletico exinwe ngu-Eduardo Camavinga noVederico Valverde beReal Madrid. ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Lo mqeqeshi odabuka e-Argentina ubekhuluma ngephenathi eshaywe ngumgadli wakhe u-Alvarez okusolakala ukuthi uthinte ibhola kabili, okwenze laphikwa kanjalo igoli okuyikhona okwenze iLos Blancos yadlulela kuma-quarter-final lapho ezogadulisana khona ne-Arsenal yase-England engakaze iwunqobe lo mqhudelwano selokhu kwathi nhlo.
Phela yagcina yehlulwe yiBarcelona kowamanqamu wango-2006 lapho eyadlala khona isishoda emuva kokuba unozinti wayo, uJans Lehman waseGermany wakhishwa ngekhadi elibomvu.

Isiyonke imidlalo yamaQuarter final ye-Uefa Champions League ihlelwe ngalolu hlobo:
Bayern Munich (Germany) vs Inter Milan (Italy);
Arsenal (England) vs Real Madrid (Spain);
Barcelona (Spain) vs Borussia Dortmund (Germany);
PSG (France) vs Aston Villa (England).

0