Ezemidlalo | 17
Friday, 25 April 2025
USALE eguqile uMartin Odegaard we-Arsenal emuva kokuba uJean-Philippe Mateta (14) weCrystal Palace eshaye igoli elenze umdlalo waphela ngo-2-2 la makilabhu ebhekene koweligi.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
ULUBALUBELA ukudlala kowamanqamu weFA Cup uJean-Philippe Mateta ongumgadli we-Crystal Palace ebambane kwashunqa uthuli ne-Arsenal kuba wu-2-2 kowe-English Premier league ngoLwesithathu ebusuku.
Lo mdlali oshaye ingcwenga yegoli eliphule izinhliziyo zabalandeli beGunners, uthe usebheke ukuwelisa ikilabhu yakhe njengoba izobhekana ne-Aston Villa kwiSemi final yeFA Cup kusasa ngoMgqibelo ngo-18h15 eWembley Stadium.
"Ngijabule kakhulu ngegoli engilishayile, ngithemba ukuthi ngizoqhubeka ngithole amanye emdlalweni wethu neVilla.
Njengoba sesikulesi sigaba nje, siyafisa ukuyodlala kowamanqamu," esho.
Umphumela wePalace ne-Arsenal ufake iLiverpool ngonyawo olulodwa ekuphakamiseni indebe yeligi kwazise isidinga ukudlala ngokulingana emdlalweni wayo neTottenham ngeSonto ngo-17h15. I-Arsenal yiyona elele isibili kwi-log.
NGABADLALI beLiverpool esisibambe ngesandla esisodwa isicoco seligi emuva kokuba i-Arsenal esendaweni yesibili ibanjwe yiPalace, kuba wu-2-2
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Isiyonke imidlalo ye-FA Cup ihlelwe kanje
NGOMGQIBELO
Aston villa vs Palace 18h15.
NGESONTO
Man City vs Forest 17h30.
* Eye-EPL
NGOMGQIBELO
Chelsea vs Everton 13h30.
Wolves vs Leicester city 16h00.
Newcastle vs Ipswich Town 16h00.
Southampton vs Fulham 16h00.
NGESONTO
Bournemouth vs Man United 15h00.
Liverpool vs Tottenham 17h30.
* Eye-Serie A
NGOLWESIHLANU
Atalanta vs Lecce 20h45.
NGOMGQIBELO
Como vs Genoa 12h30.
Venezia vs AC Milan 12h30.
Fiorentina vs Empoli 15h00.
Inter Milan vs Roma 15h00.
Juventus vs Monza 18h00.
Napoli vs Torino 20h45.
NGOMSOMBULUKO
Udinese vs Bologna 18h30.
Verona vs Cagliari 20h45.
Lazio vs Parma 20h45.
* Eye-Spanish La Liga
NGESONTO
Villarreal vs Espanyol 16h15.