Ezemidlalo | 21
Friday, 21 March 2025
NGUMQEQESHI weKaizer Chiefs, uNasreddine nabi oshaya indesheni kubalandeli bale kilabhu.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Mfanafuthi Ndlovu
UNXUSA ukunikwa isikhathi esanele ukuze aguqule isimo ababhekene naso uNasreddine Nabi ocija iKaizer Chiefs engenzi kahle.
IZimpofana ziphoxe abalandeli bazo zishaywa yiRichards Bay ngo-2-0 koweBetway Premiership eKing Zwelithini Stadium, eMlazi ngeSonto eledlule.
UNabi uveze ukuthi isikhathi sokuhlaba ikhefu sizobanika ithuba elanele lokululama kwabadlali abebengekho; okubalwa kubo uRanga Chivaviro noGeorge Matlou.
"Ngiyakuqonda ukuthi abalandeli bethu kasikabaniki abakufunayo, kepha uma wakha udinga isikhathi esanele, hhayi izinyanga eziwu-6. Uma ubheka, sibe nemidlalo eminingi esikhathini esincane, okwenza singakwazi ukuhlela kahle iqembu lethu.
"Siyamdinga umdlali esizokwazi ukumbeka phambili asenzele umsebenzi wokuqedela amathuba esiwakhayo,'' kusho uNabi.
KWESOKUNXELE nguLwandile Mabuya weRichards Bay FC okuthiwa ugaqelwe yiChiefs okuvela ukuthi uma imizamo yayo iphumelela, inganika iRich Boyz uSabelo Radebe noMduduzi Mdansane (ophakamise isandla) abakwesokudla.
IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
IZimpofana zimatasa zizama ukuphothula udaba lukaLwandile Mabuya weRichards Bay okuvela ukuthi zizimisele ngokukhokha itshe lemali ukuze zimthole.
Abazazi zonke ezeChiefs, bathi uma kungafikwa esivumelwaneni neBay FC, izimisele ngokuyinika uMduduzi Mdantsane noSabelo Radebe abavele bebolekwe yile kilabhu kuze kusongwe isizini.