Ezemidlalo| 19

Friday, 14 March 2025

Udinelwe abadlali umqeqeshi weChiefs

Image
Uthi udinga amaphuzu agcwele koweBay ngeSonto eMlazi

NGUMQEQESHI weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi edlana indlebe nomdlali wakhe, uThabo Cele.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Senzo Sokhela

UDINELWE kubadlali bakhe uNasreddine Nabi ongumqeqeshi weKaizer Chiefs -  eqhathwe ne-Richards Bay FC koweBetway Premiership ngeSonto ngo-15h30 eKing Zwelithini Stadium,      eMlazi - njengoba ebasola ngokwenzela phansi le kilabhu.


IChiefs iya kulo mdlalo nje, ibambane neCape Town City ngo-0-0 koweBetway Premiership ngoLwesithathu ebusuku eFNB Stadiunm, eSo-weto.

Lo mdlalo bekufanele iwunqobe kalula  kodwa yahlulwa yinqwaba yamathuba ewatholile.

"Lo mdlalo bese siqedile ngawo, kuzofanele abadlali bakhombise ukuzinikela. Sisesimweni lapho silahla khona amaphuzu kungenasidingo, umdlalo kungowethu, siwuthwele. Sakha inqwaba yamathuba kodwa kasiwasebenzisi. Sinomdlalo ngempelasonto, sidinga amaphuzu amathathu kuwona.

"Kuzofanele abantu bakhumbule ukuthi yini   umsebenzi wabo. Uma umuntu simunika imizuzu emihlanu noma ewu-10 ensimini, kufanele akusebenzise lokho, adele konke," esho.

Image

NGABADLALI beBay FC bekhala ngesinqumo sikanompempe, uJoseph Makhubo ngesikhathi bebhekene neSekhukhune United, okuyisimo esenzekile nangesikhathi bebhekene neMagesi FC emdlalweni odlule.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

IBay izozama ukuvuka ngeChiefs njengoba ibuya  esibhaxwini esithole kwiMagesi FC ekuhambeni ngoLwesibili ebusuku.
Kulo mdlalo iBay ikhale ngokubanjwa inkunzi ngonondweba.

Umdlalo weBay neChiefs ubhekwe ngabaningi KwaZulu-Natal njengoba kuyiwona omkhulu kule mpelasonto esifundazweni.
Amathikithi awo abiza u-R100 kanti asatholakala eTicketPro.

0