Image

Ezempilo | 14

Friday, 28 February 2025

Ungakugwema ukunuka 
kwezinyawo

Ingcindezi ibalwa
njengesinye sezizathu
ezingenza izinyawo
zakho zibe
nephunga
elibi...

Phumlani Gama

UMZIMBA womuntu wakhiwe ngezicubu ezahlukene. Zonke izicubu zinemisebenzi yazo ezidalelwe yona. Emasontweni adlule kubhalwe ngenkinga yezifo ezihlasela isingenzansi, ikakhulukazi izinyawo.
    Namuhla sibheka inkinga nembangela yokunuka kwezinyawo. Inkinga yokunuka kwezinyawo ihlasela abantu abaningi. Esikhathini esiningi lena yinkinga eyaye inciphise ngisho nokuzethemba komuntu obhekene nayo.
      Yenza umuntu esabe ukukhumula isicathulo ngenhloso yokushayisa izinyawo ngomoya uma ephakathi kwabantu.
     UDkt Sanelisiwe Myeni waseJozini, ofunde wagogoda ekwelapheni isingenzansi, uthi ziningi izindlela zokugwema inkinga yephunga elibi eliphuma ezinyaweni. Echaza, uthe lena yinkinga ehlasela bonke abantu okungaba ngabesilisa nabesifazane.
    Uthi kwesinye isikhathi iyaye izwakale kakhulu kubantu besifazane abakhulelwe.



Image


IMBANGELA:
Ukunganakekeli izinyawo kusenesikhathi, kungakudalela inkinga.
Ukungagezi izinyawo kungenza ukuthi kube namagciwane amancane angabonakali angagcina esekhula, kudaleke umonakalo.
Ukujuluka.
Ukuhamba ibanga elide.
Ukugijima.
Ukusebenza.
Wukugqoka isicathulo esincane.
Yingcindezi (stress) iyayidala inkinga yokujuluka kwezinyawo.
   "Umuntu okhulelwe uyaye abe nayo inkinga yokujuluka kwezinyawo," echaza.

Image


INDLELA YOKUVIKELA:

UDkt Myeni uthi kufanele ugeze izinyawo uzesule kahle ngokwanele. Uthi kufanele wenze isiqiniseko sokuthi izinyawo zakho uyazinakekela. Uma ugeza kufanele ubheke uhlobo lwensipho oyisebenzisayo. Nethawula lakho kufanele kube ngelihlanzekile.
    Kubalulekile ukuthi ufake isandla naphakathi kobhozo nocikincane uma ugeza.
      "Ukugeza phakathi nendawo kunciphisa amathuba okuba nenyama emhlophe ephakathi kobhozo. Kufanele ugweme ukugqoka amasokisi awodwa. Nezicathulo kufanele uzishintshe.
    " Kubalulekile ukugqoka amasokisi ayiwuli (wool). Inhlanzeko yiyona ewukhiye kuzona zonke izicubu zomzimba. Uma ugeza izinyawo akufanele ugcine nje ngazo kuphela, kodwa kufanele ubuye ugeze nezinzipho ngoba akhona amagciwane angena phakathi kwezinyawo.
    "Gcoba izinyawo ngeziqholo zakhona ezihambisana nesikhumba sakho. Uyakwazi ukususa isikhumba esingcolile. Ngokujwayelekile lesi sikhumba siyaye sivele uma uqeda ukugeza. Beka izicathulo endaweni eshawa umoya. Gqoka isicathulo esihambisana nonyawo lwakho. Kubalulekile nokuvakashela odokotela bezinyawo," kuphetha uDkt Myeni.



0