Ezemali |
Friday, 28 February 2025
Lokhu kungenxa yezingqinamba zezomnotho
Kunokukhathazeka ngesimo somnotho njengoba ewa ngokushesha amabhizinisi emikhakheni ehlukene.
Bheki Ndlovana
KUBIKWA ukuthi kufadalale amabhizinisi abalelwa ku-106 eNingizimu Afrika ngoJanuwari nonyaka.
Imboni eshayeke kakhulu ngehlanganisa umkhakha wamabhizinisi emali, umkhakha wezemishwalense, umkhakha wezokudayiswa nokuqashiswa kwezindlu (real estate), nomkhakha ohlinzeka ngezinsizakalo zamabhizinisi (business services).
Kule mboni eshayeke kakhulu kubikwa ukuthi kuvalwe amabhizinisi abalelwa ku-40 kuJanuwari kuphela. Lokhu kuvele embikweni oshicilelwe nguMnu Risenga Maluleke oyiStatistician General, eStatistics South Africa.
Uma kubhekwa isibalo samabhizinisi ashabalele ngoDisemba, kuqhathaniswa nesibalo samabhizinisi afadalale ngoJanuwari, kuqapheleka ukuthi isimo sibe sibi ngoJanuwari njengoba kube nokwanda kwesibalo samabhizinisi avaliwe.
Amabhizinisi afadalala ngoDisemba aba wu-90 njengoba ngoJanuwari isibalo senyuke safinyelela ku-106.
Abalelwa ku-40
Amabhizinisi avalwe ngoJanuwari
kuphela...
Nokho uma kuqhathaniswa isibalo samabhizinisi afadalele esikhathini esiwunyaka, kusukela kuJanuwari wonyaka odlule kuze kube wuJanuwari wanonyaka, kubonakala ukuthi sinciphile kancane ngo-2,8% isibalo samabhizinisi avaliwe.
Kulawa mabhizinisi avaliwe awu-106 ngoJanuwari, amabhizinisi awu-19 aphoqwe ukuvala ngokomyalelo wenkantolo (compulsory liquidation), bese kuthi ingxenye enkulu yawo ewu-87 avalwe ngokwesinqumo esithathwe ngabanikazi bawo (voluntary liquidation).
Ngokwalo mbiko wakamuva kaMnu Maluleke, enye imboni eshayekile ngebandakanya umkhakha wezohwebo, owe-catering, nowezindawo zokuhlalisa izivakashi (accommodation), lapho kuvalwe amabhizinisi awu-18.
Isibalo samabhizinisi avaliwe....
Awu-1 551, avalwa ngo-2023...
Embonini yezokwakha kuwe izinkampani ezine. Akukho bhizinisi okubikwa ukuthi liwile embonini yezimayini nasembonini yezolimo.
Akwaziwa-ke ukuthi njengoba sekufadalele amabhizinsi awu-106 ngenyanga yokuqala onyakeni, kuyophela unyaka isimo sinjani. Unyaka odlule waphela sekufadalale amabhizinisi abalelwa ku-1 551, ngo-2023 kwafadalala awu-1 657, ngo-2022 aba ngu-1 907. bhekin@ilanganews.co.za