Imibono | 12
Friday, 28 February 2025
ODABENI ESIBIKE NGALO OLUTHI: ICHIEFS IZOLWELA UKUPHENDULA AMATAFULA BAPHAWULE KANJE ABAFUNDI
Ngumdlali weKaizer Chiefs uGeorge Matlou.
Imibono
• Bhazuka Dlamini: AKUKHO Nabi washaya iDowns la, iChiefs inabo abadlali manje ishoda ngo-coach.
• Mthandeni Duma: AMATAFULA maphi njengoba ziyi 4X4 nje, nakomakhelwane zikhala nxazonke noma bafuna ukuyivuma nxa seyithe xaxa induku... Ngingumlandeli weKhosi kodwa lena cha phinde ngiyala soze.
• Simphiwe Shumi Mchunu: NGIBUKA sengathi nakuleSeason iKaizer Chiefs ngeke ingene kuTop8.
• Zenzele Msetho Zulu: NIYITSHELE uma iqeda ematafuleni lawo ize kwi ☠️ Pirates.
• Robs Mfokazinja Ziyamkhonkotha Mthembu: INGAWAPHENDULA futhi.
• Banetsie Mkhize: KAZI ayewiswe ubani lawo matafula sebehluleka ukuwavusa bewu 11, nathi singabalandeli sibasaphotha ngodli......😂🤣😂🤣😂abawavuse bangadlali ngathi🤣😂🤣😂🤣.
• Zmunciwe Shusha: AYIKHO leyonto , ilwela ukungaphendukelwa ngamatafula.
Imibono
ODABENI OLUTHI: UHLALELE OVALWENI UNINA KATAMARA WE-TIK TOK, BAPHAWULE KANJE ABAFUNDI
• Bukelani Shezi: UTAMARA useyafana noMkhwanazi, bazondwa zigebengu kuphela.
• Smanga SikaJehova Mgazi: NATHI singabantu besilisa siyakubona lokho kuthi akaphephile kule gender, kodwa-ke sizolwa konqamuka izandla.
• Lindani Magwaza: SIPHILA kwelinye izwe, yini nje engenza impilo yomuntu ukuthi ibe sengcupheni kule nto ekhulunywa yile ntombazane? Kukhombisa ngokusobala ukuthi abanye abantu besifazane bengenza noma yini ukuze bazizwe bejabule.
• Bayander Munkier Mzilikazi: UKHATHAZWA yini umndeni kaValue 🙄🚶🚶🚶
• Phiwa Nomfundo Mngomezulu: NGOBA iqiniso uyalifela emhlabeni
• Thandeka Pretty Jali: Kanjani manje, ziphi izigora ezathi zizoyeka umsebenzini ziyomvikela?
• Nozipho Nozipho: UBENZANI yena, angithi ubefuna ukubukwa?