Izindaba | 08
Friday, 28 February 2025
NGUMNU Zithulele Masondo nondunankulu waKwaZulu-Natal uMnu Thami Ntuli.
Phumlani Gama
USWELE amazwi okubonga ngedili lemicimbi emibili enzelwe yona engayilindele obengunogada kaNdunankulu waKwaZulu-Natal osethatha umhlalaphansi.
UMnu Zithulele Masondo (60) ubengomunye wonogada bakaMnu Thami Ntuli. Ubenzelwe umcimbi wokuvaleliswa yihhovisi likandunankulu wesifundazwe ngoLwesithathu kusihlwa.
Umcimbi wehhovisi likandunankulu wandulelwe ngomunye umcimbi obewenziwe yihhovisi lamaphoyisa eThekwini. UMasondo ubeqashwe ophikweni olugada izikhulu zikahulumeni olungaphansi kombutho wamaphoyisa iVIP Protection Unit and Security Services. Ugqame kakhulu egada umsunguli we-IFP, uMntwana waKwaPhindangene, iNkosi uMangosuthu Buthelezi ebizelwe enkosini eminyakeni emibili eyedlule.
Ekhuluma neLANGA Lempelasonto uthe kuphele amazwi abengawasho ngesikhathi ecelwa ukuthi anyukele kwelinye lamahhovisi amaphoyisa okuthe uma engena, wakhangwa yitafula ebelidekiwe nezibiliboco.
"Mina ngivuke ekuseni ekhaya ngalibangisa eThekwini ngoba ngibuyisela izimpahla zomsebenzi. Bengiyobeka isibhamu somsebenzi, ozankosi nezinye izimpahla ezibalulekile. Kuthe sengivalelisa, kwathiwa ngiyacelwa ukuba ngenyukele ehhovisi eliphezulu kanti ngibekelwe izinto ezimnandi zodwa," esho.
Uthi esesendleleni elibangise kwakhe kungene olunye ucingo.
"Ngisendleleni ngitshelwe ukuthi undunankulu uthe kunokuthile okufanele angiphathise khona ekhaya, ngidlule emahhovisi eMgungundlovu.
"Kunokuthile ebesikuhlele nonkosikazi ekhaya. Bengilokhu ngizama ukumfonela umama wasekhaya ngingamtholi, kanti uhlangene nabantu bakandunankulu naye undunankulu uMphemba, ngifihlelwe induku emqubeni.
"Umama bengifuna ukumbikela ukuthi ngeke ngisabuya ngesikhathi ekhaya ngenxa yokuthi bengisazohlangana nondunankulu. Ngimangele kwaphela nasozwaneni ngibizelwa kwelinye ihhovisi ngithola unkosikazi wami, umama wami omncane, abaphathi bami basemsebenzini abebeholwa nguBrigadier Thulani Shabalala, izingane zami, nezisebenzi zikahulumeni.
"Akukhulunywanga okuningi ngoba undunankulu uthathe umbhobho waqala ukukhuluma emuva kwalokho nganikwa indathane yezipho okukhona kuzona ngisho namasudu kanokusho. Ngijabule kakhulu ngemicimbi engenzelwe yona ngingalindele," kusho uMasondo.
Undunankulu uthe ufanelwe wukubongwa uMasondo ngenxa yokuzithoba kwakhe.
"Baba uMasondo sizobonga ngomsebenzi wakho. Ukusebenza ngokuzinikela nangokwethembeka. Siyabonga nakumama wakwakho nomndeni ngokusiboleka wena ukuba uzosebenza nathi impilo yakho yonke," kuphetha uNtuli.