Ezemidlalo | 21

Friday, 04 April 2025

IPirates icela kwesekwe uRiveiro oshiyayo

Ithi beyisathanda ukumgcina kodwa lo mqeqeshi wacela ukungayivuseleli inkontileka
Image
Selukhishiwe usuku lwamaSemi final eNedbank Cup

NGU-JOSE Riveiro oshiya i-Orlando Pirates emuva kokuyinqobela izicoco eziwu-5. 

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Mthokozisi Dlomo

I-ORLANDO Pirates isimemezele ukuthi kuyaphela phakathi kwayo nomqeqeshi uJose Riveiro - odabuka eSpain - uma kuphela le sizini ephezulu ka-2024/25.

Ngokusho kwesitatimende esikhishwe yile kilabhu ngoLwesine ntambama, lo mqeqeshi utshele iBucs ukuthi ngeke ayivuselele inkontileka yakhe nayo ephelayo ngokuphela kwesizini.
Ushiya nje, uyinqobele izinkomishi eziwu-5 selokhu ethathe lo msebenzi maphakathi no-2022.


Yize efike eNingizimu Afrika enganikwa lutho njengoba abaningi babembiza ngo-plumber, kwazise babengamazeli lutho olutheni kulo mkhakha, kodwa ubavale imilomo enqoba izinkomishi ezimbili ngesizini ka-2022/23; okuyiMTN8 neNedbank Cup, wazivikela zombili ngeka-2023/24.

Image

NGU-IRVIN Khoza ongusihlalo wePirates.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Uyiqale kahle nale sizini ka-2024/25 evikela ngempumelelo iMTN8 futhi usasemgqeni wokuvikela neNedbank Cup njengoba iPirates ikuma-semi final alo mqhudelwano, lapho izobhekana khona neMarumo Gallants. 

I-Premier Soccer League (PSL) iqoke iSonto lomhla ka-13 ku-April ukuba kugijinywe le midlalo.

Kuzoqale kududulane iPirates neGallants e-Orlando Stadium, ngo-15h00, kulandele iMamelodi Sundowns neKaizer Chiefs ngo-18h00 eLoftus Versfeld, ePitoli.

Amathikithi azodayiswa ngo-R80 eTicketPro kanti kubhekwe ukuba iPSL imemezele maduze ukuthi azodayiswa nini.


"Kumele sisihloniphe isinqumo sakhe."


Ngaphezu kwalokho, iBhakaniya likumaQuarter final eCaf Champions League kanti lihubha iMamelodi Sundowns kwiBetway Premiership.

"Nakuba besingakujabulela ukuthi lo mqeqeshi elule isikhathi sakhe nale kilabhu, kodwa kumele sisihloniphe isinqumo sakhe.

"Siyambonga ngakho konke akwenzele le kilabhu," kusho uSihlalo weBucs, u-Irvin Khoza.
Le kilabhu ithe ngenxa yokuba matasa kwayo njengoba iyingxenye yemiqhudelwano emithathu, okuningi ngodaba lokuhamba kukaRiveiro izokuxoxa nabezindaba ngokuphela kwesizini.

Inxuse abalandeli ukuqhubeka nokweseka lo mqeqeshi nekilabhu yonkana.

Akungatshazwa ukuthi izindaba zokuhamba kwalo mqeqeshi zizofana neva ematheni onyawo kubalandeli beBucs, kwazise sekukaningi beveza eyokuthi bayafisa ukuba elule inkontileka nale kilabhu.

Image
0