News | 07

Friday 07 March 2025

Inkosi isinde ngokulambisa idutshulwa


"Ihlaselwe isemzini wayo, yasindiswa wukuyolala esiteshini samaphoyisa"


Image

NGUNDUNANKULU wesizwe saKwaXulu, uDkt Cedric Xulu okwesobunxele, neNkosi yesizwe  uMzwandile Xulu ephume ngesamagundane ihlaselwa ngababulali,  ekwesokudla.     ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA


JOHN HLONGWA

IHLALELE ovalweni iNkosi uMzwandile Xulu, yesizwe saKwaXulu eMgobhozi, KwaMunyathi, eVryheid, ngemuva kokusinda ngokulambisa ihlaselwa ngabantu abangaziwa isemzini wayo ngenyanga edlule. Izinsolo ziveza ukuthi inkosi ihlaselwa nje, kungenxa yombango wokumbiwa kwamalahle kuleya ndawo.

UNdunankulu wesizwe sakwaXulu, uDkt Cedric Xulu, utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi isimo kasisihle esizweni. Uthi sebeze bathatha isinqumo sokubiza imbizo ezoba ngeSonto mhla ka-09 kwephezulu, lapho kulindeleke bonke abantu bakwaXulu ukuze kudingidwe ngalesi sihlava. 

"Kuyiqiniso ukuthi inkosi isinde idutshulwa. Indaba isuswe wuhlelo lokubuyiselwa komhlaba emphakathini olwenziwa wuhulumeni. Lo mhlaba ucebe ngamalahle ambiwayo, kanti wenganyelwe yisikhwama somphakathi, iMnyathi Community Trust, lapho umphakathi uziqokele wona usihlalo ozowuhola athathe nezinqumo.

"Lokhu sekuholele ekutheni umphakathi ungayihloniphi inkosi. Uzenzela izinto ngendlela yawo ngoba uthi umhlaba wanikezwa wona," esho.

Uthi ukholwa wukuthi okudale udungunyane esizweni, wukuthi umphakathi unikeze osomabhizinisi igunya lokumba amalahle ngale kwemvumo yenkosi futhi bengenawo amaphepha abagunyaza ukuba bambe (mining licence).

"Labo somabhizinisi bagcine sebebanga, badubulana bodwa, kwachitheka igazi esizweni kwagcina kungasekho ukuthula. Kulapho sinqume khona ukungenelela  njengomkhandlu wenkosi, sathola ukuthi ikomidi elengamele isikhwama bese liphelelwe yisikhathi.

"Udaba ludlulele enkantolo, lapho yeluleke khona umphakathi ngokuthi uqoke ikomidi lesikhashana njengoba ebelikhona bese liphelelwe yisikhathi. Kulowo mhlangano kuqokwe uDkt Nduku Xhakaza oyisihlobo senkosi ukuba abe ngusihlalo.

"Akuphelanga zinsuku ezingaki eqokiwe, wadutshulwa, wabulawa esemzini wakhe. Kudlule izinsuku ezintathu kwadutshulwa inkosi, yaphuma ngesamagundane yaze yayolala esiteshini samaphoyisa. Ngokubona ukuthi izinto azihambi kahle, sibize le mbizo ezoba ngeSonto lapho silindele bonke abantu bakwaXulu ezweni lonke nesizwe sonke," kusho uNdunankulu.

Umthombo oyingxenye yamakomidi asebenza kuleya ndawo, utshele ILANGA Lempelasonto  ukuthi kukhishwe ikomidi elidala okuvele amahlazo ebeliwenza, okuthiwa liboleka imali ezinkampanini ezahlukene, lisebenzisa igama lesikhwama.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, usiqinisekisile isigameko sokuhlaselwa kwenkosi. Uthi amaphoyisa aphenya icala lokuzama ukubulala. Bekungakaboshwa muntu.

0