Ezemidlalo 19

Friday, 28 March 2025

Ithole uxhaso olumqoka iDurban City

Izosebenzisa izinsiza ezimqoka zase-UKZN ukucija abadlali bayo
Image

USWELE amazwi okubonga uFarook Kadodia ongumnikazi weCity obonakala esayina isivumelwano sokusebenzisana nesinye sezikhulu sase-UKZN . Uthe lokhu kuzoguqula izinto eziningi ekilabhini yabo, wathi kumqoka ukuba lesi sivumelwano basigcine sikhona ukuze ikilabhu ikhule. 

ISITHOMBE: sithunyelwe

Mfanafuthi Ndlovu

ITHOLE uxhaso olumqoka iDurban City eqhathwe ne-Upington City koweMotsepe Foundation Championship (MFC) ngoLwesihlanu ngo-15h30 eChatsworth Stadium, eThekwini.

Lo mdlalo uzokhonjiswa bukhoma kwiSuperSportTV.

ICity izokuya kulo mdlalo ngemuva kokusayina isivumelwano esimqoka ne-University of KwaZulu-Natal (UKZN) sokubenzisa izinsiza zalesi sikhungo ezisezingeni eliphezulu ukucija abadlali.

Lezi zindaba ziqinisekiswe nguSimo "Govuza" Dladla ongumqeqeshi weCity ngesikhathi ekhuluma naleli phephandaba ngaphambi kwalo mdlalo omqoka, obhekwe ngabalandeli abaningi baKwaZulu-Natal njengoba le kilabhu isazihola esicongweni seMFC.


UDladla ubonge lesi sikhungo ngokuqhamuka nohlelo akholwa wukuthi luzosiza ikilabhu idlondlobale.

"Kuningi esizokuzuza kulesi sivumelwano okuzoyisa le kilabhu kwelinye izinga njengoba sisempini yokunyukela kwiBetway Premiership. Phakathi kwezinto ezizokwenzeka wukusebenzisa izinkundla zase-UKZN, kubalwa nezise-Edgewood College kanjalo ne-high performance centre yesikhungo kubalwa nobuxhakaxhaka besimanje obuzosiza abadlali, " esho.

Image

Ngokuthola kweLANGA Lempelasonto, lesi sivumelwano sizokwethulwa ngokusemthethweni emphakathini ngoLwesihlanu eChatsworth, kulo mdlalo weligi. Kuthiwa kumenywe nabadlali abadala abake bayibamba kwiDurban City okubalwa kubona uMark Tovey noBobby Deutcschmann, ukubala nje abambalwa.

Image

NGU-MARK Tovey owake wayibamba kwiDurban City okuvela ukuthi ungesinye sezimenywa emcimbini wokwethulwa kwabaxhasi bale kilabhu.

Isiyonke imidlalo yeMFC engempelasonto imi kanje:-
NGOLWESIHLANU
EChatworth Stadium: Durban City vs Upington City 15h30.
NGOMGQIBELO
ESolomon Mahlangu: Casric Stars vs Leruma United 15h30.
E-Athlone Stadium: Cape Town Spurs vs Kruger United 15h30.
EThohoyandou Stadium: Black Leopards vs Baroka FC 15h30.
EMxolisi Dicksy Stadium: Hungry Lions vs University of Pretoria 15h30.
E-Olympia Park: Orbit College vs Highbury FC 15h30.
ESoshanguve Giant Stadium: JDR Stars vs Milford FC 15h30.
NGESONTO
EDobsonville Stadium: Pretoria Callies vs Venda FC 15h30.

0