Ezemidlalo | 18

Friday, 28 March 2025

Zisagaya izibozi izinhliziyo zabeSundowns

Image
Ilangazelela ukudlulela kwiSemi final yeNedbank Cup neyeCaf Champions League

Mfanafuthi Ndlovu

BAYIBHEKE ngabomvu imidlalo emibili ezayo abadlali beMamelodi Sundowns abazoqala ngokushukana neSekhukhune United kwiQuarter final yeNedbank Cup ngoLwesihlanu ngo-19h00 eLucas Moripe Stadium, ePretoria.


Emdlalweni olandelayo, iDowns izovovana inkani ne-Esperance yaseTunisia emlenzeni wokuqala weQuarter final yeCaf Champions League ngoLwesibili ePretoria.


UDennis Onyango ongunozinti weDowns, utshele abezindaba ukuthi ngemuva kokuba beguqiswe yi-Orlando Pirates emdlalweni wabo wakamuva weBetway Premiership, izinhliziyo zabo zisagaya izibozi.
Uthe emdlalweni weSekhukhune United kufanele bazenzele bona umsebenzi wokuzithoba amanxeba ngokuwunqoba ukuze bezodlulela kowandulela owamanqamu walo mqhudelwano.


"Sibe nekhefu elihle kakhulu, okufakazelwa yisenzo sekilabhu sokuvakashela ekhaya e-Uganda ukuyonika izingane ezisakhula ithuba lokuziveza ezinhlolini zekilabhu. Lokhu kusho lukhulu kimina," esho.


Uthi balindele ubunzima kwiSekhukhune.

"ISekhukhune kakuyona ikilabhu elula, kumele sizibambe ziqine umdlalo usasuka ukuze siyigudluze endleleni yethu," esho.

Amathikithi alo mdlalo abiza u-R60 eTicketpro. Kulabo ababewathengile emdlalweni owahlehla ngemizuzu yokugcina, bazokwazi ukuwasebenzisa.

Image

NGU-DENNIS Onyango ongumakadebona weSundowns.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

U-Onyango ubuye wanxusa abalandeli bebhola ukuba baphume ngezinkani kulo mdlalo ukuyobeseka.

Kubadlali ababhekiwe kwiSundowns; nguLucas Ribeiro, uTeboho Mokoena, uKhuliso Mudau noJayden Adams kanti kwiSekhukhune nguLinda Mntambo, u-Andy Boyeli, uThabang Monare noKeletso Makgalwa.

Ozonqoba kulo mdlalo, ulindwe yiKaizer Chiefs kwi-semi final yalo mqhudelwano ovikelwa yiPirates.

Kungena elePirates nje, izodlala neMarumo Gallants kwenye iSemi final yeNedbank Cup.

Izinsuku nezinkundla okuzogijinyelwa kuzona imidlalo eyandulela owamanqamu weNedbank, zisazomenyezelwa.

0