Ezemidlalo | 19

Friday, 04 April 2025

Imiklomelo emihle kwabaseKZN abazovelela kwiComrades Marathon

Abokuqala kubona bobubili ubulili bazohleka bodwa
Image

NGUBONGUMUSA Mthembu ongelinye lamathemba eKwaZulu-Natal kwiComrades Marathon yanonyaka.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Mzwamandla Zondi

BABEKELWE imiklomelo econcisa amathe abasubathi baKwaZulu-Natal abazokwenza kahle kwiComrades Marathon yanonyaka ezokuba ngomhla ka-8 kuJune, isukela eMgungundlovu isongwe eThekwini.

UMnyango wezeMidlalo KwaZulu-Natal uzoklomelisa abasubathi bokuqala abathathu abazokwenza kahle kulo mjaho.

Ngokusho kwalo mnyango, umsubathi wokuqala wesifundazwe ukuqeda lo mjaho uzohlomula ngo-R70 000 ngokwahlukana, kubona bobubili ubulili, kuthi abazongena endaweni yesibili bagoduke no-R44 000, bese kuba wu-R22 000 ozotholwa ngozongena endaweni yesithathu nakhona ngokwahlukana kobulili.


Kuthiwa abasubathi abazothola le miklomelo engenhla, kufanele bangene nabokuqala abawu-30.


Phakathi kwabasubathi okubhekwe ukuba bahlomule ngalo mklomelo; nguBongumusa Mthembu ongene nabokuqala abalishumi nyakenye futhi osenqobe lo mjaho amahlandla amathathu.

Image

NGU-JENET Mbhele ongowokuqala kubasubathi abamnyama besifazane baseNingizimu Afrika ukuthola igolide kulo mjaho iminyaka ilandelana.

Omunye osethubeni elihle nguSkhumbuzo Seme ongene nabokuqala abawu-20 nyakenye kanti ngo-2023 wangena unombolo 11, kube nguNkosinathi Duma ongene unombolo 24 nyakenye, uMahlomula Sekhonyana oseke wahlomula ngegolide, uMalusi Dlomo, u-Ayanda Ngcobo ukubala nje abambalwa kwabesilisa.

Kwabesifazane kubhekwe uJenet Mbhele ukuba akhale emuke nomklomelo ka-R70 000.
Lo msubathi - osanda kushiya kwiXcel Running Club, wabuyela ekilabhini yakhe endala, uMzimkhulu Striders - ungene unombolo 8 nyakenye kwiComrades.

Omunye obhekiwe nguJanie Grundling ongene unombolo 26 nyakenye, uFikile Mbuthuma ongene unombolo 31 nyakenye okuzofanele azibambe ziqine ukuzibeka ethubeni; kanjalo noJenna Challenor onegolide kulo mjaho kodwa obengekho nyakenye.

0