Ezemidlalo | 18
Friday, 04 April 2025
KWESOBUNXELE nguThabo Cele enozakwabo, uMfundo Vilakazi.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Senzo Sokhela
UHLALELE ethembeni ngesimo sakhe umdlali wasesiswini weKaizer Chiefs okubanjwe umoya ngaye njengoba enokuthinteka.
IChiefs izobhekana neTS Galaxy koweBetway Premiership ngoMgqibelo ngo-19h00 ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
UThabo Cele odlala esiswini kwiChiefs, akawuqedanga umdlalo wale kilabhu obungeledlule lapho yehlulwe khona yiLamontville Golden Arrows ngo-2-1 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
UCele uthi uhlalele ethembeni ngesimo sakhe njengoba esezwa izinhlungu ezincane.
"Emdlalweni wethu odlule ngidonse kanzima njengoba bengizwa ukudonseka esihluzwini. Yinto esabhekisiswa kahle yithimba labaqeqeshi, sizobona ukuthi kugcina kanjani. Ngethemba ukuthi kuzofika usuku lwalo mdlalo sengingcono," kusho uCele.
Lo mdlali ubuye wavuma eyokushisa kwensimbi kule kilabhu njengoba belwela ukubuyisa isithunzi sayo.
Phela sekuphele iminyaka ewu-10 iChiefs yagcina ukuqukula inkomishi. Uthi bazama konke okusemandleni ukubuyisa izinsuku zenjabulo ePhefeni.
NGABADLALI beTS Galaxy ezobhekana neChiefs koweligi.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Nokho iChiefs isenalo ithuba lokuqukula isicoco kule sizini njengoba ikumaSemi final eNedbank Cup lapho ezobhekana khona neMamelodi Sundowns ekuhambeni.
Lesi sicoco sivikelwa yi-Orlando Pirates ezodlala neMarumo Gallants kwenye i-semi final.
IPirates isemkhankasweni wokunqoba le ndebe ihlandla lesithathu iminyaka ilandelana njengoba yenzile nangeMTN8 ebisiyiqukula okwesithathu kulandelana ngasekuqaleni kwale sizini.
Isiyonke imidlalo yeBetway Premiership engempelasonto imi kanjena:-
NGOLWESIHLANU
EKing Zwelithini Stadium: AmaZulu vs Richards Bay 19h30.
NGOMGQIBELO
EMpumalanga Stadium: Golden Arrows vs Chippa United 15h00.
E-Dr Molemela Stadium: Marumo Gallants vs SuperSport United 15h00.
E-Old Peter Mokaba Stadium: Polokwane City vs Orlando Pirates 15h00.
EPeter Mokaba Stadium: Kaizer Chiefs vs TS Galaxy 19h00.
NGESONTO
E-DHL Cape Town Stadium: Cape Town City vs Sekhukhune United 17h30.