Izindaba | 02

Friday, 28 March 2025

Ezifingqiwe


01


Owayeyimeya yeTheku ukhalele abahlwempu kukhulunywa ngeThala ePhalamende

Image

UZWAKALISE ukuzwelana nabahlwembu uMnu Mxolisi Kaunda, owayeyimeya yeTheku ngesikhathi kudingidwa udaba lokuvalwa kwebhange iThala emkhandlwini olawula izifundazwe, iNational Council Of Provinces (NCOP), ngoLwesithathu. 

Isikhungo esilawula ukusebenza kwamabhange, iPrudential Authority (PA), simemezele ngoMasingana (January) ukuthi sihlose ukulivala iThala, saveza ukuthi sesifake amaphepha enkantolo esicelo sokuba kugunyazwe ukuvalwa kwalo.


Sithe iThala lisenkingeni yemali engabeka engcupheni amakhasimende alo.

NgoLwesithathu ePhalamende, uKaunda oyilungu le-ANC elikwiNCOP, uthe yizinkumbi zabantu abangalahlekelwa uma leli bhange livalwa.

"Ngabantu abakhele izindawo zasemakhaya abasebenzisa iThala, futhi iningi labo ngabantu asebebadala. Ukuvala leli bhange ngeke kubasize abantu abahlwempu abebethola usizo kulo," esho.


"IVBS yawa ngenxa yenkohlakalo"


UMu Poobalan Govender we-IFP, uthe iThala ngeke liqedwe njengendlela iVBS yaseLimpopo eyawa ngayo.
"IVBS yawa ngenxa yenkohlakalo. Ithala yibhange osekuneminyaka lisiza abantu, kodwa kayikho inkohlakalo elingamataniswa nayo. Yisikhungo nje ebesisiza abantu abadla imbuya ngothi," esho.
Udaba lweThala lusesemajajini eMgungundlovu.


02


Ungqongqoshe uchitha eyezinkulungwane zabalimi okuthiwa sezifudukele eMelika

Image

NGUNKZ Khumbudzo Ntshavheni ongungqongqoshe ehhovisi likamengameli.


UCHITHA eyezinkulungwane okunamahlebezi athi zitshatha amasaka, zishiya iNingizimu Afrika uNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli, 
uNkz Khumbudzo Ntshavheni, ozwakalise ukuthi ikhabinethi ikhathazekile ngabantu abahubhuza ilumbo ngaleli lizwe.


Ukhuluma kanjena nje, kunezinkulumo esezisabalele, ezithi abalimi abamhlophe abawu-72 000, sebelifulathele leli, bafudukela eMelika.


UMengameli weseMelika, uMnu Donald Trump, wabamema abalimi abamhlophe, wathi bangaya ezweni lakhe, uzobenza ababhaci (refugees), bagcine sebeyizakhamizi zakhona.

Image

UNgqongqoshe uNtshavheni uthi kabekho abalimi abafudukayo, abashiya leli zwe.
"Ngokwezibalo ezikwi-AgriSA, iStats SA noMnyango wezoLimo, bawu-41 000 abalimi abamhlophe abakuleli zwe.
"Lo 72 000 wabalimi okuthiwa uthuthele eMelika uvela kuphi?
Yinto engekho lena, kuhloswe ukudukisa abantu nje nokwakha isithombe esibi ngezwe lethu," esho.


03


Inkosi ibongele umphakathi ngamathuba emisebenzi kuvulwa inxanxathela yezitolo eThekwini

Image

BONGELE umphakathi wendawo yayo iNkosi yaseMangangeni, uBhekamanganga Shozi, kuvulwa ngokusemthethweni inxanxathela yezitolo, iWestown Square, eNtshongweni ngoLwesine.

Le nxanxathela yezitolo - iseduze komgwaqo onguthelawayeka, uN3, phakathi kweTheku noMgungundlovu - ivulwe yiMeya yeTheku, uMnu Cyril Xaba, kanti i
saqhubeka iyanwetshwa njengoba kuzoba khona nezindawo zokuhlala abantu, yisibhedlela nesizinda samabhizinisi.

Ibalelwa ku-R1,5 billion imali esetshenzisiwe ukwakha le nxanxathela yezitolo, kanti uMasipala weTheku uphose esivivaneni u-R600 million.

Babalelwa ku-1 000 abantu abebeqashiwe ngesikhathi yakhiwa, kanti imisebenzi ewu-451 - yabantu abazosebenza eWestown Square kuphela nje - isikhangisiwe.


 "Lo msebenzi siwethula ngesikhathi sisazithoba amanxeba ngomonakalo osanda kusehlela, sikhahlanyezwa yizikhukhula. Siyabonga ngoba kuzodaleka amathuba emisebenzi. Nabatshalimali babone ukuthi kungcono ukuvula amabhizinisi KwaZulu-Natal," kusho uXaba.


INkosi uShozi ibongele umphakathi waseMangangeni namaphethelo, yathi le nxanxathela ilethwe ngesikhathi ikati lilele eziko emindenini eminingi. Ithe lokhu kuzoletha intuthuko endaweni.

0