Izindaba | 09
Friday, 28 March 2025
NGUSIHLALO we-IFPYB kuzwelonke, uMnu Sanele Zondo.
Intsha ye-IFP ibhekene nenselelo yokuqhubezela phambili iqembu
Bheki Ndlovana
UMBUTHO wentsha ye-IFP (IFP Youth Brigade), unentshisekelo yokuqhubezela phambili iqembu ukuze liqhubeke nokudlo-ndlobala eminye iminyaka ewu-50 ezayo.
Njengoba nonyaka i-IFP igubha iminyaka ewu-50 yasungulwa, ubuholi bayo buphonsela inselelo intsha yeqembu ukuthi kumele izibambe ziqine ngoba yiyona okumele ihole indlela eya phambili eminye iminyaka ewu-50 ezayo.
UMengameli we-IFP uMnu Velenkosini Hlabisa, ekhuluma ngempelasonto emgu-bhweni we-IFP weminyaka ewu-50 lasungu-lwa iqembu, uphawule ebhekise entsheni wathi: "Iminyaka ewu-50 ezayo ingeyenu."
Uthe bona njengabaholi beqembu abaphethe njengamanje sebekhulile, isikhathi siyabaphe-lela, ngakho eminyakeni ezayo iqembu lizobe liholwa yintsha yamanje.
USihlalo we-IFPYB kuzwelonke, uMnu Sanele Zondo, uthi kubona beyintsha injabulo yomgubho weminyaka ewu-50 ingeyesikha-shana, kodwa umsebenzi omkhulu obahlalele ngowokuqhubezela phambili iqembu, liphile futhi lisimame eminye iminyaka ewu-50.
"UMntwana (waKwaPhindangene, iNkosi uMangosuthu Buthelezi osesithombeni esingenhla), usithathile lapho esithathe khona, wasibeka la asibeke khona. Njengamanje kuyithuba lethu ukuthi lokhu esikufunde kuyena, sikusebenzise ukuze sikwazi ukuqhubela phambili (iqembu), sifinyelele la ayefisa ukufinyelela khona," kusho uZondo.
UZondo uthi njengamanje bona njengabaholi bentsha, bafana nabantu abangamaphoyisa omzabalazo, ababheke ukuthi iqembu lihamba ngomgudu ofanele yini ngoba uma linhlanhlatha, yibona abazosala nomonakalo.
"Kufanele sigade ukuthi umzabalazo uhamba ngendlela okufanele uhambe ngayo. Yingakho ngezinye izikhathi siye sizwakale sengathi siyalwa uma siphikisa ezinye izinqumo ezithathwa ngabaholi noma iqembu. Wumsebenzi wethu lowo.
"Kungezwakala nje sengathi kuyaphikiswana, kodwa sisuke senza umsebenzi wethu wokuthi izinqumo zeqembu makube yizinqumo ezizohlomulisa abantu esibasebenzelayo.
"Njengoba sikuhulumeni nje, manje sibabhe-kile kakhulu abaholi, bayazi. Sihlale sibatshela ukuthi sinibhekile izinto enizenzayo ukuthi ngempela ziyahambelana yini nezimiso nezifi-so zikaMntwana ngezwe laseNingizimu Afrika."
Uthi bayakuqonda ukuthi uma abaholi bemosha izinto manje, bazobe bamoshela bona beyintsha okuzomele ithathe izintambo zokuhola iqembu eminyakeni ezayo.
Ephawula mayelana nokhetho lohulumeni basekhaya oluzayo, uZondo uthi bayazethe-mba ukuthi bazohlomula kakhulu.
Uthi okwenzeke okhethweni lukazwelonke nezifundazwe lwangonyaka odlule, kukho-mbisa ukuthi abantu bayayethemba i-IFP.