Izindaba | 05

Friday, 14 March 2025

Ufuna 
u-R2 million 'owaboshelwa icala angalazi'

Image

Uthi washaqwa ngamaphoyisa emba emngcwabeni...

"Kungihlukumezile ukuboshwa kungafanele."

 Phumlani Gama

USONGA ngokulwa kuze kunqamuke izandla owesilisa obopha uhulumeni wakuleli ngenxa yesenzo esamehlela eshaqwa ngamaphoyisa esemngcwabeni ka'sbari' wakhe ngo-2021.

Image

NGUMnu Philani Memela othi wabhadla ejele ngecala angalazi.

UMnu Philani Memela (31) waseXobho, uthi wagqunywa esitokisini iminyaka emibili emuva kokuba eboshelwe icala 'angalenzanga' lokubulawa kukaMnu Nhlakanipho Mbhele.

Uthi ngosuku aboshwa ngalo wayesemngcwabeni kamufi, ematasa nokumba ithuna lakhe. Uthi wayefike emngcwabeni  ngoba ecelwe ngowesifazane ayethandana naye ukuba alethe izingane . Uthi wafika kumbiwa ithuna naye wasondela kwabanye abesilisa, wamba.


Uqhuba uthi kwafika amaphoyisa amaningi, amtshela ukuthi unesibindi sokubulala umuntu maqede azomngcwaba. Elandisa ngodaba lwakhe uMemela uthi; "Ngabuza ukuthi ngibulale bani ngoba nomuntu oshonile kangimazi. Kwathiwa ngiyokhuluma phambili.

"Nangempela kwaba njalo ngoba ngangiphuma ngingena ezinkantolo ezahlukene. Ngavela enkantolo yaseHighflats, eXobho naseNtuzuma, kwaze kwaba inkantolo yaseScottburgh iyangikhulula ngoba ngitholakale ukuthi ngimsulwa kuleli cala.


"Udaba lwami ngilufake kummeli. Inkinga enginayo eyokuthi naye ummeli akasazibambi izingcingo zami. Uma ngimfonela, uthembisa ukubuyela kimi emuva kwalokho engabe esabuyela.

"Kungihlukumezile ukuboshwa kungafanele. Kubambezeleke izinto zami. Nginengane engiyondlayo. Kuningi ukuhlukumezeka engakuthola esitokisini. Namanje ngisanezibazi zokushaywa ngamaphoyisa emuva kokuba iziboshwa zashisa ijele ngesikhathi kucekelwa phansi izakhiwo," kuchaza uMemela.


ILANGA
lixhumane noMnu Buele Sodiya ongummeli kaMemela. Ukuqinisekisile ukuthi uMnu Memela uyikilayenti lakhe futhi inkantolo yamthola engenalo icala.

"Lapha sifake icala lokuboshwa ngokungemthetho. Inkinga ekhona ukuthi uMemela uthatha zonke izinkinga zakhe azibeke kithi. Uthi izintombi zakhe zidinga imali. Lapha sifake udaba lokuboshwa ngokungemthetho. Kusukela siqala ukusebenzisana ngamchazela ukuthi kuzothatha isikhathi ukufinyelela esiphethweni salolu daba ngoba siqala ngokufaka izincwadi.

"Okuningi sesikwenzile. Kumanje sisezinhlelweni zokufaka amasamanisi. Ukufakwa kwamasamanisi kuchaza ukuthi sesiseduze kwesiphetho sodaba.

"Nokho-ke uma engagculisekile angalukhipha udaba kithi alufake komunye ummeli nakuba thina sesisebenzise izindleko zethu," kuphetha uSodiya.


Image
0