Izindaba | 03

Friday, 28 March 2025

Image

Indumezulu yomcimbi wokwamukela uSweet Guluva, eKZN


UBONGE BONKE ABAMVOTELILE NABAMESEKILE...

Uthi uzimisele ngokungena emkhakheni wezokungcebeleka

Lucky Cain

UZOKWAMUKELWA ngendumezulu yomcimbi ozoba sezinkundleni zemidlalo eNquthu, uSweet Guluva onqobe ohlelweni lukamabonakude iBig Brother Mzansi.

Kumenyezelwe ukuthi umcimbi wokwamukelwa kukaSweet Guluva ogama lakhe langempela
ngu-Akhonamathemba Mbhele, uzoba ngomhla
ka-5 Ephreli, kanti kulindeleke ukuba amukelwe yizinkumbi zabalandeli.

Kusukela ngeSonto kube nenhlokomo ezindaweni ezahlukene ngokunqoba kukaSweet Guluva, kwazise ubeyintandokazi kulolu hlelo obelukhonjiswa esiteshini esiyisipesheli iChannel 198, nangeSonto kusihlwa.

Kusukela emenyezelwe njengonqobile, abantu bebelokhu belangazelele ukubuya kwakhe KwaZulu-Natal, njengoba benentshisekelo yokuyomamukela esikhumulweni sezindiza eThekwini. NgoLwesithathu uSweet Guluva uphumele obala ngokuthi kunezingxoxo ezikhona zokuthi kube nomcimbi wokumamukela eNquthu.

Image


Ngu-Akhonamathemba Mbhele "Sweet Guluva" okhale wemuka no-R2 million kwiBig Brother.

Ekhuluma enkundleni yokuxhumana iTikTok ngoLwesithathu uGuluva uthe, usexoxile neMeya yaseNquthu uMnu Zama Shabalala mayelana nomcimbi wakhe.

UGuluva ubonge bonke abamvotelile nabamesekile ngesikhathi engaphakathi kulolu hlelo.

Ikhuluma kwi-video eqoshiwe iMeya uShabalala, iqinisekisile ukuthi impela zikhona izinhlelo zomcimbi kaGuluva eziqhubekayo. UShabalala unxuse abantu ukuba baphume ngobuningi ukuyokwamukela uGuluva osephenduke iqhawe eNingizimu Afrika, ikakhulukazi kubantu baKwaZulu-Natal.

UGuluva udalule ukuthi uzimisele ukungena emkhakheni wezokungcebeleka ngemuva kokunqoba kwakhe, waveza nokuthi uyazifela ngomculo nangokulingisa.

0