Izindaba | 02

Friday, 14 March 2025

Ezifingqiwe

Image

Ivalwe thaqa imigwaqo eMaoti

 IVALWE thaqa imigwaqo eMaoti, eNanda, enyakatho yeTheku njengoba kusukela ngoLwesine ekuseni izakhamizi zakhona zigcwale izitaladi zimashela ubugebengu obudla lubi endaweni.

NgoMsombuluko kwaba nomunye umhlangano womphakathi owawubizwe yiCommunity Policing Forum, kukhulunywa ngayo indaba yobugebengu. Kulowo mhlangano kwadutshulwa kwabulawa amalungu amabili eCPF, njengoba ngoMgqibelo kwakubulawe abantu abathathu ababezihlalele, bethiba ukoma.

USihlalo we-CPF endaweni uMnu uMandla Phewa usenxuse uKhomishana wamaPhoyisa eKZN uLt General Nhlanhla Mkhwanazi, ukuthi angenelele.


Image

Indumalo uGodongwana engayiphathi eyeThala

 BADUMELE abebengamakhasimende ebhange IThala njengoba uNgqonqgoshe wezeMali uMnu
Enoch Godogwana, engazange aphawule lutho ngekusasa lalo.

Leli bhange seliyavalwa ngoba kuthiwa kunemigomo engazange ilandelwe ekulawulweni kwalo.

Uhulumeni waKwaZulu-Natal, iSilo uMisuzulu kaZwelithini nabaHoli boMdabu bami ngezinyawo, bathi bayalihlenga leli bhange elasungulwa ngesikhathi sikaHulumeni waKwaZulu.


Image

Kuphenduleke imithandazo yabalimi bomoba

 KUTHE dwe kubalimi bakamoba abebekhathazekile ngentela kashukela, ebizwa ngokuthi yiHealth Promotion Levy (HPL). Abemboni kamoba bebekhala, benxusa uNgqongqoshe wezeMali, uMnu Enoch Godongwana owethule isabelo ukuba angayenyusi le ntela.

Ngakolunye uhlangothi, izinhlangano ezahlukene zezempilo bezikhankasela ukuba yenyuswe le ntela. Usoseshini wabalimi kamabona, iSouth African Sugar Association (SASA) wanxusa uhulumeni ukuba ungayinyakazisi le ntela kuze kube wu-2030.

Sizwakele-ke isikhalo sabo njengoba uGodongwana engayenyusanga le ntela. Sekuwunyaka wesithathu lona ingenyuswa le ntela njengoba uGodongwana wamisa ukwenyuswa kwayo ngo-2023.


Image

Iyalwa iDA ngesabelomali sikaGodongwana

 IBHODLA umlilo iDemocratic Alliance (DA) ngendaba yokwenyuswa kwentela ekhokhwa ngabathengi ezimpahleni nakumasevisi, ebizwa ngokuthi yiValue Added Tax (VAT).

I-DA icasulwe wukuphikelela kukaNgqongqoshe wezeMali uMnu Enoch Godongwana ngokwenyusa le ntela ukuze kutholakale imali ezoxhasa imisebenzi kahulumeni.

Ngenxa yokungenami ngokwenyuswa kweVAT, iDA ithi ngeke iseseke isabelomali esethulwe nguGodongwana ngoLwesithathu, lapho ememezele khona ukuthi intela izokwenyuswa ngo-0.5% kulo nyaka, iphinde yenyuke ngo-0.5% ngonyaka ozayo.

Njengoba lesi sabelomali kufanele siphasiswe yiPhalamende, iDA ithi ngeke ikweseke ukuba siphasiswe. 

Ilwa nje iDA, iyingxenye kahulumeni wobumbano kuzwelonke. IDA inxenxa umphakathi ukuba usabele kwikhwelo lokuthi kulwiwe nalokhu kwenyuswa kweVAT.

UDkt Mark Burke oyilungu leDA ePhalamende uthi akukhona ukuthi kunenkinga yokushoda kwemali engenayo kuhulumeni, kodwa inkinga yindlela esetshenziswa ngayo imali. Uthi i-ANC iqamba amanga uma ithi kumele kwenyuswe iVAT ukuze kuhlanganiswe imali eshodayo.

Image

Xhumana nathi

Facebook: ilanga newspaper
Instagram: ilanganews

Image
0