Izindaba | 15
Friday, 25 April 2025
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi:
Kumiswe umdlalo weMFC kushona umdlali:
NguSinamandla “Sgora” Zondi (22) ongasekho emhlabeni.
Bongani DBongs Mthembu:
EISH kwaze kwabuhlungu futhi akusoze kwajwayeleka ukudlula komuntu emhlabeni, ikakhulukazi odlule isigubhukane.
Manqoba Lulama:
YAZI ngibonga nje inhlonipho kini banikaz bephephandaba noma obhalile; ukungagagul igama lomufi ngenxa yokuhlonipha umndeni ongazi lutho. Ukwethuka kuyam'bulala umuntu, cabanga isidumbu sesibili esidalwe ababhali bezindaba🙏
Phila Mantengu:
HHAYI kunzima ukuphila, umuntu avele ahambe engagulanga😭
Mafungwase KaMantuli:
KWAZE kwabuhlungu bakithi kodwa umzali shwele 😭😭😭😭 makaphumule ngokuthula.
FIKZA LIKKY:
KUBUHLUNGU kuyazwela, alale ngoxolo umdlali💔.
Prena Sharma:
UMOYA wakhe sengathi ungalala ngokuthula
MaBlose Noncengwa:
INGANE yomuntu, kwaze kwabuhlungu
Sanele Ntshangase:
NKOSIYAMI ngaze ngabazwela abazali asebezozwa izindaba ezibuhlungu kangaka ngengane yabo ingakhombanga ndawo💔😭
Mandisa Malinga:
BAQINISILE uma bethi isosha lifela empini 🥺🥺. Kwaze kwakubi nkosi yam engagulanga nje. Sengathi umphefumulo wakhe ungalala ngokuthula, noma engasekho umoya wakhe uqhubeke undlondlobalise iqembu lakhe, ngiyazi naye bekuyisifiso sakhe leso.
Mpungose Xolani:
NGIYAQALA ukuzwa lokhu, mmm kwabuhlungu
Nomusa Nkomo:
MANJE ushone edlala ibhola?
Njabzn Njiva Njizolo:
KWAKUBI lokho bakithi.
Thobekile Thobile Connie:
KWAZE kwabuhlungu.
Sandile Mngomezulu:
HAWUUUUUU kwaze kwakubi ke lokho Jehova yeeeeeeeeeeeerrrrr!