Izindaba | 15

Friday, 14  March 2025

Imibono

Odabeni oluphume kwiLANGA, ngoLwesine oluthi:

I-Pirates iphonsa ithawula ngeligi, baphawule kanje abafundi bethu:

Image

Ngumqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro ovuma eyokuthi iyabaphunyuka iligi.

01


Sandile S'fiso Mangamahle:

I-KAIZER CHIEFS yona ilindeni ngoba ayikho phela lento yayo, kufanele ngabe kade yaphonsa ithawula, yahluleka kudaaaaaala.

02


Skhumbuzo M'fesi Ngema:

YOBE izisizile ingaze izibangele inhliziyo ebuhlungu 😂 

03


Bongani Duze:

SEKUYACACA ukuthi umqeqeshi ungumuntu ogijima 500 metres kuphela. Kumarathon kufuneka uPitso.

04


Hlalakumenza Zulu:

UYABASUKELA banenkani kabi laba, ngeke baliphose ithawula.

05


Phumi Dumisa:

AKE nihlukane neBhakhaniya eyethu, nani khulumani ezenu.

06


TMcooh Mcooh:

KUFANELE, ibingeke isalunga ilahla amaphuzu amqoka, ayinikwe iDowns kuvele kube
yi-copy n paste ya last year ayinantanga kuPSL.

07


Xolani Xerxes Duma:

IYABONA ukuthi kuyabozeka, azikhali game in hand laL.

08


Nkosikhona Mvelase P:

AWUU bakithi okusho ukuthi nxeseni.

09


Sithela Msimang:

KADE mina ngaliphonsa ithawula, ngamhla iSundowns isishaya
ngo-4-1, ngabona lapho ukuthi, sekubhedile.

0