Izindaba | 14

Friday, 25  April  2025

Imibono

Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi:

Amawele (3) awuphinda kathathu u-matric enqaba ubizo:

Image

KUSUKELA kwesobunxele nguNosipho, nguSiphiwokuhle noSiphosethu abathi bangenwa wubizo kanyekanye.

01


Seluh Mvuselelo Mdluli:

LENTO yedlozi ayiwona umsangano, iyahloniswa ayiwona uTikTok. Uma ikukhombile nje, vumela isimo okanye kuzoma yonke into empilweni yakho #Thokozani makhehla nani bogogo.

02


Khombiey Mandy Masithole Sakasu:

MANJE bazokhona ukukhumbula yonke imithi ezobe isesigodlweni khona abazophuza owokuchatha.

03


Nhlane KaZwide Masuku:

NAWA lamawele ahlolela uSthuphethu yena wathi ayamfuna, ey futhi leya ntwaxasi🤣🤣🤣🤣🤣

04


Nhlakanipho Injulab'chopho Mncube:

SHUTHI anamakhanda aqinile-ke bo, ayikho into enzima ku-matric, ubungoma sebungenye yezinto zokubaleka ukubhekana nempilo esikhathini samanje.

05


Ntosh Mkhumbeni Hlongwane:

KUSHO ukuthi baqale bafundela iwele lokuqala, beza ngelesibili, bashaya nelokugcina, amawele abambisene☺️

06


Hlengiwe Julia:

SHWELE nkosi yokulunga, sekuyisono phela lesi. Ngenelela Nkosi Jesu, angikaze ngikuzwe lokhu okunje, ngiyabakhulekisa sengathi bengaphumelela kulokhu🙏🙏.

07


Mzondwa Pat Singela:

KUKHONA osewuphinde kwaze kwaba kawu-5 la kwa-D, eMlazi. Kusekuncane lokhu kwalamawele.

08


Bongumusa Sicelo Soh Mzulu:

OMUNYE nomunye unonyaka wakhe, babefunda belekelelana.

09


Bhekinhlanhla Mdletshe:

INSUMANSUMANE yodwa le engiyifunda lapha 😂😂


0