Imibono | 14

Friday,  11 April  2025

Imibono

Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi: ULimit wenqaba ukuyofunda e-UKZN ngenxa yothando lomculo kamaskandi, abafundi bethu kwiFacebook baphawule kanje:

Image

01


Mhlaba Dumakude:
FUTHI leli khanda lakhe uyalibona nje ukuthi lithwele i-Maths

02


Volvet LaNgubs:

UMASKANDI lo ufana nse nebhola, kabezwani nesikole abantu abadlala lezo zinto.

03


Sboniso Mabika:

USEMNCANE umfana usengaya esikoleni.

04


MaMvelase Jama KaMnisi:

PHO kunani?

05


Themba:

SICELA azofunda lana eLadysmith khona into esifuna ukuyibuza kuyena kuqala.

06


Ntethelelo Lelo Dlamini:

BANGAKI abafundile abanama- degree kodwa bahlezi emakhaya nawo, abanye bayazibulala ngenxa yokuthi bafundile, kodwa umsebenzi abawutholi, umuntu nomuntu unesphiwo sakhe asiphiwe nguMdali esimfakela imali. Naye yisiphiwo sakhe lesi sokucula.

Bangaki nje abafundile kodwa abaphumelele empilweni? Abanalo ngisho ibhayisekili lodwa leli, kodwa bayizifundiswa.
Buka namuhla uLimit uneQuantum ngenxa yesiphiwo sakhe sokucula.

07


Lerato Masango:

NAMHLANJE usenetekisi.

08


Sihle B Ncengwa:

KUYASHO nje ukuthi ungowaseNkandla, vele abafana balapha kabezwani nje nesikole. 
🤣🤣🤣🤣🤣🤣🤣

09


Lockset Lockstar:

KUSHO ukuthi uyafana noMayoghurts Bliss yethu.

10


Phazy Lastborn Dlamean:

IBINGEKE imnike iKhwantamu leyo UKZN. 😂

11


 Dosha Kuanele:

UMA eseqeda ukufunda-ke bese eyosebenzaphi? 
Ingani usevele ulindlalile itafula phambi kwezitha zakhe, makangabe esapholisa maseko.

12


 Syethemba Syehh:

UMA usuphatha imali, unayo yonke into oyidingayo, yini ongayiyela esikoleni vele? 🤣 ngaphandle-ke uma uhlakani-phile sidalo, uyithanda imfundo, usungaya nje esikoleni, kodwa kasikho isidingo sokufunda kuLimit, usecebile vele kuyimanje.🤣

13


Sihle Nduna:

USEMNCANE isikhathi sisavuma, imfundo kayikhulelwa noma ngabe useneminyaka ewu-35, usengaya esikoleni afunde. Angafunda ngisho part time.

14


 Aki July:

OOOH! Wuhlobo olufanayo noMbekezeli Mbokazi, kodwa-ke abantu kabefani uzothi wenza njengabo, impumelelo ivele ithi😩Dololo.

15


 Nhlakanipho Blackbone Mthethwa:

MAKAFUNDE abe nayo leyo degree, ingamsiza kweminye iminyango. Nangu uDJ Tira, wafundela into eseceleni kunalokhu akwenzayo, kodwa ukufunda kwakhe kuyamvulela eminye iminyango yempumelelo.🤞🏼


0