Imibono | 14

Friday, 28 March 2025

Imibono

Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi: Ugcwele amathafa uMax Makhanya ofunwa yiNdlunkulu kaZulu. Abafundi bethu kwiFacebook baphawule kanje:

Lo mlisa uthe uma kwenzeka ebulawa,  akobuzwa abadidiyeli bamabutho kaZulu 

Image

01


Vanessa Marcus Mtshali:
Wathi inkabi ezoshaya yena isazozalwa, watatazela pho manje Steven Seagal?

02


Mgabadeli Dladla:

 LO unyelwe yinyoni esandleli! Okukabani nje ukubizwa kuthiwa woza uzobonisa indlunkulu ukuthi ngonjani umuntu okufanele ahlale esihlalweni, nokuthi iSilo kumele siziphathe kanjani. 😂😂

03


Philani Zulu:

NIYAMTHOLA yini? Uthi ukuphi nezwe? Akakaphumi ngaphandle kwezwe kodwa?

04


Faith Cekwane Mafe:

KANTI weyisa kangaka nje, uyigwala futhi? Indlu yegagu ubuxhaxhaxha (iyanetha).

05


Siboniso Mathe:

 ANGAQALI akhulume ngokufa. Wathi yena uwushaya sbhamu, akesabi muntu. Useyesaba manje? 

06


Douglas Ntsele:

KANTI uyesaba futhi? Akaqhubeke phela abe yinsizwa le athi uyiyo!!!!

07


Ndabenhle Ngcobo:

UYAKHUMBULA ehlekisa ngokufa kukaDubula???? Inxeba lendoda alihlekwa.

08


Thembi Mantengu:

KOBE kubuza bani, ehlushwe yini? Ufile awufile, asinendaba nawe.
🤣🤣🤣🤣

09


Philani Cebekhulu:

 MAKAVELE azotalajwa aphelelwe yicala nje qha.

10


Bheki Dladla:

 UYABONA lelo khala lisazoba nenkinga enkulu. Bathi uma bekukhuza wathini wena? 🤣🤣
Ungazositetemela lana wena. Awusagundi nekhanda. 🤣😜😜😜

11


Dladla Amahle:

 ANGASIFAKI! Uhola yedwa emuva kokuthuka abantu - washo njalo. Hamba eNdlunkulu uyacelwa.

12


Mzoh Pat KaNgunezi:

 IPHELILE insangu manje la ekhanda lakhe, kuse ngokunye.

13


Derrick Smanga Hlongwane:

HHAYI cha uyakwesaba ukufa!
Nami ngazi ukuthi akukho muntu ngempela ongakuthinta. Akavele axolise khona lapho koTik-Tok ukuze aphephe.

14


Gcwabelihle Kama Vovo Mkhize:

USESABA ukubulawa, ubengasabi ngani ukwehlisa isithunzi seNdlunkulu? Kodwa ndodani le ekhuluma izindaba zemizi yabantu? Ibambe ngakho. 🤞

15


Bheki Mqondisi Gwala:

KODWA-KE yonke le nto isizoze ifike kuleli zinga nje,  bekungena-sidingo salabo Tik-Tok nezinhla-mba nokuhlambalazana. Sekuzoze kubulawane nje ngenxa yokufuna udumo nama-likes. Umchapha kanjani umuntu ngenhlamba kungonakele lutho, ungamazi futhi?

0