Izindaba | 14
Friday, 07 March 2025
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoMsombuluko oluthi:
Udide abaningi uLimit ehudula abakamaskandi
baphawule kanje abafundi bethu:
NguLimit ongumculi kamaskandi ogila izimanga ngokuvotelwa emncintiswaneni weMother of All Maskandi Festival. Kuyobe kuqhuma imbadada!
Philile Plasma Goge:
PHELA kusukume mina manje. Ngeke angabadidi umfana wangakithi. Liya eNkandla lelo quantum. Abanye abahlale phansi, sizobatshela uma sekumele basukume💃💃💃💃💃.🤘 Isize yahlangana, kudaaalaaaa yayifunana 🤸♀️.
Tee-Man Tbos Ka Lindamkhonto:
EYI iLadies House, icheme
noLimit. UMenzi uzidalele amazinyo abushelelezi kule gender, ave iphuma kumuntu.
Maphephandaba Myengwa:
UYABONA uLimit, yinkunzi uma ungenawo umona kaSathane uyomvuma nawe.
Sphamandla Gumede:
INGOMA inkulu kulo mfana bafethu. Sesingamdlela nje umona kodwa ngokwami limfanele impela i-quantum.
Zandile Pommy Langa:
UHUDULWA yithina iLadies House.
Ntokozo Mchokama Thabede:
NAYE lowo Limit mhlazane bagejana, kosa emnyango, kungcono uMenzi uphila iqiniso.
Simangele Suprise:
SILIFUNA eMahlathamnyama lelo quantum.
Lindoh Mlindoos:
KUSHUTHI kuphelile ngaye ngoba noGatsheni waqala kanjena🤞.
Khetha Mlotshwa:
AKALINDE kancane uSolwazi, uzobe ehamba yedwa emasontweni amabili ezayo.