Izindaba | 13
Friday, 25 April 2025
NGUNGQONGQOSHE wezeMali, uMnu Enoch Godongwana.
Kuzoba wumqansa kuGodongwana ukungenyuswa kweVAT - umhlaziyi
Menzi Jele
KUVUKWE ngoLwesine ekuseni, iHhovisi likaMgcinimafa kuZwelonke, selikhiphe isitatimende esithi kuyahoxiswa ukwenyuswa kwentela ekhokhwayo, iValue Added Tax (VAT), isazoqhubeka ihlale ku 15%. Lokhu kushayelwe ihlombe ngamaqembu iDemocratic Alliance (DA), ne-Economic Freedom Fighters (EFF), abese ethathe udaba lokwenyusa kwe-VAT, alusa enkantolo.
Umhlaziyi wepolitiki nezomnotho, ozinze e-University of KwaZulu-Natal, uMnu Zakhele Ndlovu, uthi leli gxathu ulibona lizoba wumqansa kuNgqonqgoshe wezeMali, uMnu Enoch Godongwana.
"Nizokhumbula ukuthi enye yezinhloso zokuhle-la ukwenyusa i-VAT, bekuwukuhlangabeza ukukhokhwa kwesikweletu sika-R75 billion, uhulumeni anaso. Uma i-VAT ingasanyuki, imali yokukhokha lesi sikweletu uGodongwana kuzofanele abone ukuthi izophuma kuphi.
"Lokhu kungaphoqa ukuthi imiholo nemihlo-mulo yongqongqoshe nezikhulu zeminyango kahulumeni, kwehliswe. Kuzophoqa ukuthi kuqedwe amaphini ongqongqoshe ngoba amanye kawubonakali umsebenzi wawo.
NGUMHOLI weDA, uMnu John Steenhuisen nomholi we-EFF, uMnu Julius Malema abebelwela ukuba ingenyuswa iVAT.
"Kuzomele kuqhanyukwe nohlelo olunzulu, lokulwa nenkohlakalo nokukhwatshaniswa kwemali, ngoba yisona sihlava esenza izwe lingabi namali, ligcina selicwila ezikweletini," kuhlaziya uNdlovu.
Uthe ukuqhubeka nokwenyusa iVAT, bekuzoni-ka amaqembu afana neDA ne-EFF, ithuba lokunyundela i-ANC, uma sekukhankaselwa ukhetho loHulumeni baseKhaya lwangonyaka ozayo.
"Ukwenyuka kwentela bekuzoshaya abantu abasemazingeni aphansi nabadla imbuya ngothi. Abavoti bebezomlalela umholi ozofika kubona, abatshele ukuthi bayahlukunyezwa uma bekhokhiswa intela engaka, ekubeni isimo somnotho ezweni sitshekile.
"I-ANC iyakhohlwa wukuthi izwe isiliphethe namanye amaqembu ngokubambisana, ibingayenza le nto yokwenyusa iVAT, uma ibisaphethe yodwa. I-DA isebenzise ithuba lokwesabisa i-ANC ngokuthi izoxebuka kuhulumeni obusa ngokuhlanganyela uma iqhubeka nokwenyusa i-VAT.
"Umbuzo uthi, izoqhamuka kuphi imali yokukhokha isikweletu sika-R75 billion, neyokufeza izethembiso ezenziwa kusakhanka-selwa ukhetho njengokuqasha othisha, odoko-tela, abahlengikazi, ukuphucula ezempilo nengqalasizinda?" kubuza uNdlovu.
UGodogwana uthe lesi yisinqumo esithathwe ngokuhlanganyela, ngemuva kokuxoxisana namakomidi ehlukene asePhalamende, namaqembu akuGovernment of National Unity (GNU).
I-ANC ikhiphe isitatimende ngomlomo kamkhulumeli wayo, uNkk Mahlengi Bhengu-Motsiri (osesithombeni esingenhla), ithi isiyakweseka ukungenyuswa kwe-VAT, okukhombisa khona ukuthi iyinhlangano elalelayo nexhumene nabantu, kuwona wonke amazinga.
Kuthiwa uGodongwana makabonge abameli bakhe, abameluleke ukuthi makashaye ungqimphothwe ngoba icala elifakwe yiDA
ne-EFF, enkantolo belizokwemuka naye, aphenduke inhlekisa ebantwini. menzi.jele@ilanganews.co.za