Ezempilo | 12
Friday, 25 April 2025
Inkinga yamansense yinto elaphekayo futhi elawulekayo uma uyisukumela
Ezempilo:
Mthokozisi Dlomo
BANINGI abantu, ikakhulukazi abansundu, abayamanisa ukungagezi namansense noma iminkenke okuyimiklayeko eba sezithendeni zezinyawo. Ngaphezulu kokungathandeki ukunyathela phansi ngonyawo oluneminkenke, kokunye aba buhlungu ngendlela engabekezeleleki, kanti angange-nwa wukungcola, adale umonakalo onyaweni lonke.
ADALWA YINI AMANSENSE?
Ngokusho kongoti bezempilo, amansense enzeka lapho kufa ama-cells esikhumba onyaweni esithendeni, bese embondelana, agcine eseklayeka, ngenxa yokoma.
Ukoma kwezinyawo ongoti bathi kokunye kungadalwa yizinto ezifana nokuhamba ngezinyawo endaweni eqinile, nokujwayela ukufaka izicathulo ezivulekile njengophaqa.
Uma zingalungiswa izimpawu zamansense, kungagcina:-
* Kuba buhlungu uma unyathela,
* Sekuphuma igazi eminkenkeni,
* Sekudaleka izilonda ezingangenwa wukungcola, zibhibhe.
Kuthiwa inkinga yamansense ijwayelekile nasebantwini abanesifo sikashukela, ngoba silimaza ama-nerves.
Ama-nerves alimele kuyenzeka angezwa uma sekushisa noma isikhumba sesome kakhulu ukusitshela ukuthi sijulukile, sizithambise.
AQEDWA NGANI AMANSENSE?
Ngokombiko weHealthline.com, amansense angaqedwa ngokugcoba izigcobo ezithambisa isikhumba njengovaselina, okhilimu, uteli nezinye ezine-almond ne-coconut. Ungasebenzisa meminye imiqhiqizo egcotshwayo, eyakhelwe ukuwohloza ama-cells afile esikhunjeni.
OKUNYE ONGAKWENZA
Ungathoba izinyawo zakho emanzini afudumele (hhayi ashisayo) imizuzu eyishumi njalo ngosuku.
Ungasebenzisa izinto ezinjengechopho ne-scrub brush ukuwohloza isikhumba esomile onyaweni.
Qaphela ukuthi akufakele uqinise isandla kakhulu ngoba ungagcina sewandisa umonakalo ngokulimala.
Ungafaka amasokisi uma usulala, ngemuva kokugcoba izinyawo zakho uma usuyolala.
Kuthiwa kufanele ubonane nodokotela wezinyawo (podiatrist) uma:-
Unesifo sikashukela, futhi unesikhumba esiwugqinsi ngaphansi konyawo. Udokotela angakusiza ngokucwecwa isikhumba esomile ukuze singaze siklayeke.
Uma usunezilonda, thola usizo ngokushesha ngoba kungangena ukungcola, zibhibhe.
Kumuntu onesifo sikashukela, into engaqala kancane ngamansense ingaholela ekutheni umuntu aze anqanyulwe unyawo. Yingakho kumqoka ukuwelapha amansense kusenesikhathi, ungalindi amathonsi abanzi.
NGINGAWAGWEMA KANJANI AMANSENSE?
Gwema ukugqoka izicathulo ezivulekile, ezizokwenza izithende zakho zishaywe wumoya.
Gwema ukuhamba ngezinyawo endaweni eqinile. Gqoka izicathulo uma uphandle noma usendlini.
Qaphela, ezinye izinsipho, ukucwilisa izinyawo emanzini ashisa kakhulu, nokuzikhuhla kakhulu, kungayibhebhethekisa inkinga yamansense.
Njengoba kubaluliwe ngenhla, amansense adalwa wukoma kwesikhumba. Uma uzenza izaba zokuwagwema noma ukuwaqeda kodwa kungalungi, into emqoka okumele uyenze wukufuna ongoti (odokotela).