Izindaba | 12

Friday, 11 April 2025

EZEMPILO

Iyinkinga edalwa wukungalali kahle
"i-night man"

 Abaningi bakholelwa wukuthi basuke becindezelwe ngamadimoni...

Image

Makhosi Dube

“NGIVELE ngathi ngegama likaJesu ngadedeleka.” Lawa ngamazwi ajwayele ukushiwo ngabaningi abasuke bebanjwe yi-“night man” ngoba bekholelwa wukuthi bacindezelwa ngamadimoni.
ILANGA Lempelasonto lenze ucwaningo ngale nkinga, laxoxa noDkt Thabani Dlamini osebenzela ePoly Clinic, KwaMashu:

Iyini “i-night man”

I-night man yaziwa ngokuthi yi-sleep paralysis phecelezi lapho umzimba ukhubazeka okwesikhashana ngesikhathi ulele (kwesinye isikhathi uphaphame) uzizwe ucindezeleka ungakwazi ukuphefumula, ukukhuluma noma ukunyakaza.

Kokunye uthi noma umemeza ucela usizo, kube wukuthi konke lokho kwenzeka engqondweni yakho kuphela, okubonayo ukubona uzilalele nje, uma usuphapheme ukubone undwazile. Kwabaningi abansundu kunenkolelo yokuthi lokhu kukhubazeka ngamadimoni.

Image

Yenzeka nini?

Yize yaziwa nge-night man kodwa ingakuhlasela emini usathi uthatha isithongwana, kumbe ebusuku.

Okwenzekayo ngesikhathi uhlaseleka:

I-night man ijwayele ukwenzeka ngesikhathi kuba noguquko, umzimba usuka esigabeni sokuphaphama uya kwesobuthongo okwaziwa nge-hypnagogic sleep paralysis, phecelezi noma usuka esigabeni sobuthongo, usuphaphama okubizwa nge-hypnopompic sleep paralysis.

Ihlasela abanjani?

I-night man kayikhethi minyaka, ingaqala ebunganeni kumbe lapho ususesigabeni sokuba musha. Kuvela ukuthi iba mawala kulabo abaneminyaka ewu-20 kuya ku-40.

Uzizwa kanjani uma ubanjwe i-night man?

• Ubona izinto ezingekho kokunye ube nomuzwa wokuthi kukhona omunye umuntu kumbe into ekhona endlini, uzizwe ucindezeleka noma uklinyeka.
• Uba nokwethuka novalo inhliziyo ishaye ngamandla
• Kuba nzima ukuphefumula

Yini edala i-night man?

Image

NGUDOKOTELA Thabani Dlamini

UDkt Dlamini uthe: “Ukuphazamiseka kokulala: Ngenxa yokuba matasa kwempilo abanye balala isikhathi esingaphansi kwaleso esibekiwe okungamahora awu-8 kuya
kwawu-9 ngobusuku. Lokhu kungakubeka engcupheni yokuhlaseleka,” esho.
* Wukuqwasha
“ Yi-Jet lag: Kwabajwayele ukuvashela amanye amazwe, bangaba nenkinga ngenxa yokungafani kwezikhathi, okwenza umzimba udideke.
* Izigulo zengqondo
* Ingcindezi
* Wukusebenzisa imishanguzo ethile
* Nokusebenzisa izidakamizwa

Iyingozi yini i-night man?

Yize ingeyona ingozi kodwa ukuhlasela kwayo kuyaba nomthelela wokuthi ebahlaselayo basabe ukulala.

Image

Ukuphuza i-chamomile tea kubalwa njengesixazululo enkingeni yokungalali kahle.

Wenzenjani uma usuhlaseleka?

Ekulwisaneni nale nkinga, uDkt Dlamini uthi: “Kumqoka ukuba ubonane nodokotela ukuthola izixazululo nokuzama ukwehlisa ukuhlaseleka,” esho.
* Yiba nohlelo lokulala oluzokunika isikhathi esanele sokuphumula, njengokulala ngesikhathi esithile, uvuke ngesithile njalo. Lokhu kuyawufundisa umzimba ukuthi uphumula nini futhi usebenza nini.
* Jwayela ukuthoba umzimba noma ukugeza ngaphambi kokuba uyolala.
* Qinisekisa ukuthi kawuphazamiseki lapho ulala khona, kumnyama, kuthule futhi umbhede nemiqamelo kuyakuvumela ukuthi ungaphazamiseki.
* Nciphisa emankwebevini nezinto
ezine-caffeine njenge-coffee neziphuzo eziyizikhuthazi-mzimba (energy drinks);
* Zivocavoce, uzame i-yoga nokuphefumula ngokujulile lapho udonsa khona umoya uwubambe isikhashana, uphinde uwudedele. Kwenze lokhu izikhawu.
* Ungalali ngomhlane ubheke phezulu.
* Ungavumeli ukuba nengcindezi kumbe ukulawulwa yimizwa
* Phuza amatiye esingabala kuwo i-green tea,
i-chamomile tea noma ubisi.

0