Ezempilo | 12

Friday, 21 March 2025

Image

Uqeda ukuzethemba umlomo onukayo

Ongoti bathi kumele kucoshelelwe uma kwelulekwa onale nkinga

Ukuhlale uphiwa uswidi kungakhomba ukuthi kukhona okwenza abantu babuyise izinhlonze uma ukhulumela eduze kwan

Phumlani Gama

BANINGI abantu ababhekene nenkinga yokuphefumula umoya onephunga elibi. Inkinga yephunga elibi inciphisa ukuzethemba kulowo osuke ebhekene nayo. Esikhathini esiningi akazizwa umuntu obhekene nale nkinga ngaphandle kokuthi kube nothile ozomncinza indlebe, amazise ngenkinga abhekene nayo.

Lena yinkinga engakhethi ukuthi ihlasela bani. Kuyenzeka ubone igeza lensizwa okanye intokazi enhle okuthi uma ususondele eduze kwayo, kungabe kusavuma ukuthi uqhubeke nenkulumo ngenxa yomoya ewuphefumulayo.

Image

"Hlala ngokuvakashela
odokotela"...

Ongoti bezempilo bathi akufanele ikhulunywe noma yikanjani indaba yomuntu onalenkinga, noma uma kunomuntu okufanele aziswe  ukuthi unayo. Baqhuba bathi ziningi izindlela zokuzihlolela le nkinga okungaba wukuqaphela lapho ukhuluma nomuntu, ubheke ukuthi uma ukhuluma naye akashintshi yini ebusweni okuhambisana nendlela ahogela ngayo umoya.

Abantu abaningi bayesaba ukukhuluma ngale nkinga kodwa kufanele uqaphele uma kuzokwenzeka uhlangane nomuntu acele ukukupha uswidi zikhathi zonke.

Image

Leli phephandaba lithole ukuthi ziningi izimbangela zale nkinga kanjalo futhi ziningi nezindlela ezingasetshenziswa ngabantu ukuze bagweme ukuzithola bengaphansi kwalesi simo.

IDALWA YINI LENKINGA:

ILANGA Lempelasonto licaphume eminye yemibhalo kwelinye lamaphephabhuku
i-American Dental Association (ADA). Kuleli bhuku kubalulwe izizathu eziningi ezingaba yimbangela yale nkinga. Phakathi kwazo kubalulwa udaba lokungcola komoya ngaphakathi esiswini. Ukudla okunephunga elinuka kakhulu njengo anyanisi no-garlic. Ukungcola kwamaphaphu. Ukuba nezilonda ngaphakathi esiswini.

Ukungasebenzi kahle kwamathumbu kungayidala inkinga ngokuthi ingxenye yokudla kungagayeki kahle kugcine sekubola. Ukungcola kwamaphaphu kuyayidala le nkinga. Ukungahlanzwa komlomo. Umlomo uwodwa ubalulwa njengesizinda sokuhlala kwamagciwane amaningi.

Image

"Umlomo ugcina amagciwane angaphezulu kuka-3000. Lokhu kungadala omkhulu umonakalo. Ukucindezeleka uma ulele kungayidala inkinga ngoba umlomo namathe, kusuke kungasebenzi kanti emini umlomo uhlanjululwa amathe kwesinye isikhathi amathe abuye abe ne-acid," kusho uDkt Henry Atkinson ongumsunguli we-ADA.

UKWELAPHA:

Odokotela bathi ziningi izindlela zokuyigwema futhi nalabo abanayo bangakwazi ukuyiqeda. Zikhona nezinye izindlela ezilula futhi ezingenazo izindleko ezibalulwayo. Phakathi kwazo kuvela neyamanzi afakwe usawoti. Ungawasebenzisa njalo ekuseni, uwafake egilasini eyodwa, ufake ikota yesipuni esinosawoti uphuze uxubhe maqede uwakhafule. Lamanzi ayasiza nasekuhlanzeni amazinyo.

Nalapho uma unezilonda ngaphakathi ayazipholisa. Ukubonana nodokotela. Gwema ukusebenzisa iziphuzo nezidakamizwa ezingabulala amaphaphu.

UDkt Nompumelelo Ndwandwe osebenza kwesinye sezibhedlela zikahulumeni
KwaZulu-Natal, uthi lena yinkinga eyelaphekayo. Uthi kubalulekile ukuphuza amanzi ahlanzekile, kunciphisa amathuba okungenwa ngamagciwane angasala emlonyeni. Ngaso sonke isikhathi kufanele uxubhe umlomo. Uma uxubha ungaphuthumi.

Image

"Thatha isikhathi ukuze uzoba nesiqiniseko sokuthi umlomo namazinyo akho uwahlanze ngokwanele. Hlala ngokuvakashela odokotela ukuze kuhlolwe nezinsini zakho ngoba nazo ziyayidala le nkinga. Uma usuthole ukuthi unayo le nkinga, kufanele uvakashele emakhemisi nasemitholampilo ukuze uzothola uhlobo lwezinto ongazisebenzisa okubalwa kuzona nezokuhlanzwa komlomo
(mouthwash)," esho.

0