Ezikaqedisizungu | 11
Friday, 11 April 2025
Awu madoda! Uma kuthiwa uMdali wazinika ithuba ngesikhathi ebumba umuntu wesifazane kukhulunywa ngawe Zinzile Sibanyoni. Ngizithola ngishwashwatha uma ngizama ukuthola amagama achaza ubuhle nokuma kahle kwakho ntombi. Kuthi mangingabe ngisakhuluma kakhulu, kunalokho ngikuthengele lo swidi okuthiwa uZulu Motto obhalwe ukuthi, "ngithi manqa."
UMaSibanyoni uyimodeli, usaziwayo, uyazifela ngokuba sekhishini apheke izibiliboco, nokudabula amazwe abone umhlaba.