Ezikaqedisizungu | 10
Friday, 25 April 2025
Besiyowuzwa ngobani lo mgosi ngaphandle kwakho phaphiyosi...
NGUKHAYA Dlanga
KUSUKE kukhulunywa iqiniso uma kuthiwa themba itshe kunomuntu. UKhaya Dlanga ongumngani
ka-Anele, ukhethe ukuba yithatha, waphosta izithombe zomshado kamngani wakhe kungakafaneli.
NGU-ANELE Mdoda nomyeni wakhe uBonelela "Buzza" James.
Kuthe ngokuphazima kweso, kwacacela noma ngubani ukuthi ubengagunyaziwe ukuphosta. Ewu hhayi! Abanye abangani bangamathatha kodwa-ke kulungile mfo kaDlanga, usize thina onondaba kwazise phela lo mshado ubungowabakhethekile. Besiyowuzwa ngobani wonke lo mgosi ngaphandle kwakho phaphiyosi?
Ukuthula akoni mfo kaSampear
NGU-ALDRIN Sampear
UMZALA uphoxekile ebona le nsizwa enogazi kwabaningi, u-Aldrin Sampear ithukuthele igane unwabu, ihilizisana ngamazwi nowesifazane emgwaqweni.
Nokho ngoba uMzala ubengazi ukuthi udaba luqalephi, uqoke ukungathathi sayidi. Kodwa mfo
kaSampear asethembe ukuthi uzofunda ukwehlisa umoya uma usemgwaqweni, njengoba sewuze wamiswa nasemsebenzini.
NGUTHANDO noSiyacela Dlamuka
Niyangixaka kodwa babukeli bakaSthuphethu
NIYAXAKA kodwa webabukeli bamakabonakude, tshelani mina ngitshele abanye, ukuthi yini le enenza nithande uhlelo Isencane Lengane, kodwa kothi kuqambe kuphela isiqephu seningena ku-social media niyagxeka nikhala, ngokuhlukumezeka kukaThando?
Uma nisalubuka lolu hlelo, vele izibalo zizoya phezulu. Sisodwa isiyalo uMzala aneluleka ngaso, hlukanani nokubuka uSthuphethu.
NGU-KING Zoso
Hlika emthini Zakewu!
UMzala usashaqekile ngenkulumo kaKing Zoso ayikhulume ngoLwesithathu kwi-media briefing yeNgoma kaZwelonke echomela izintatheli ngokuthi uyazihlula, uhola imali enkulu, u-R50 000 nge-podcast yakhe, yize zona zifunde zagogoda, zathola amaDegree.
Ukuthathaphi weKing Zoso ukuthi izintatheli zihola uR10 000?. Ngokwakha isitezi esitshekile usuzibona uphakeme, ehla emthini Zakewu.