Ezikaqedisizungu | 10
Friday, 11 April 2025
Abasesithombeni ngu-Afrika oyindodakazi kaBontle Modiselle noPriddy Ugly, abamemezele ukuthi balindele umntwana wesibili. =
ABANTU ngeke wabazi ngempela ukuthi bafunani emhlabeni. Osaziwayo uBontle Modiselle nomyeni wakhe uPriddy Ugly benze i-photoshoot yokuthi sebezoba nomntwana wesibili. Kodwa-ke ngoba abantu abayithandi into enhle, bathole okubi abazokusho ngalezi zithandani, bekhala ngolimi olusetshenzisiswe.
UMzala uthe esalalele lokho, senikhala ngokuthi uBontle udlubhe umbala omnyama kwenye
i-photoshoot. Hhay nimuncu, anizazi ukuthi nifunani. Senikhonondela ukuthi abantu abashadile benza abakuthandayo ngesikhathi sabo. Phumani emishadweni yabantu.
NGU-FLYMOTION
UKUBA ngumlingisi ngomunye wemikhakha engiyikhonzile futhi engibona ukuthi ngingayenza kahle uma nginganikwa ithuba.
Kodwa noma ngikuthanda ukulingisa kunezindawo enginganqaba ukuzidlala ngoba ngibona zikwenza uphenduke umampumpane nje.
Uyabona nje ukuba ngumlingisi ongakhulumi odlulayo soze, "never". Ukuba ngumlingisi ofa uqala nje umdlalo noma ifilimu, ngibona kuwukungakuhloniphi njengomlingisi lokhu.
Ngisakhuluma ngezindawo engingasoze ngazidlala, ngishaqekile ukuthi umlingisi uyakwazi ukulingisa ngesithombe sakhe ngaphandle kokuthi aze avele elingisa. Ngithe ngizibukela ifilimu ebithulwa ngeledlule ebizwa ngokuthi Meet The Khumalos, ngabona isithombe sika lo somahlaya osehlela imicimbi yamahlaya futhi one-podcast yakhe, uFlymotion.
Okungimangazile ngalesi sithombe wukuthi uFlymotion ubengakaze avele kule filimu kodwa kuqhamuke sekuvela isithombe sakhe eseyisikhumbuzo nje. Bengiqala ukuyibona-ke le, kanti nayo ngibone kahle ukuthi soze ngavuma kulingise isithombe sami kunami.
Flymotion ngiyakuhlonipha, please next time ungabowuvuma lo msangano. Ikhona kodwa inkece oyitholile ngalesi sithombe sakho? Kudlaliwe ngawe ngikuthembile.
NGUKHANYI Mbau
INDABA kaKhanyi Mbau iyohlezi isematheni, phela uMzala ubengayidlula endleleni le ntokazi ngendlela esibukeka ngayo.
Impela imali yenza umuntu agile imikhuba. Ningasho ngempela ukuthi yini eniyibona ithi, 'Wow', kulobu buso obusha bukaKhanyi? Hhayi ntombi kule mali osuyichithile uMzala akabonanga simanga, ngiyazi-ke abanye bazothi 'akukhulumi mina, kukhuluma ububha'.
Nakuba bebegxeka indlela obukeka ngayo kwi-X (Twitter) kodwa kubatshazwa inhliziyo yakho. Hhayi kabawuvali umlomo ngomoya wakho omuhle. Ibambe kanjalo ntokazi, vele ezinoMzala zithanda ingaphakathi lomuntu, hayi ukubukeka kwakhe.
NGUGOGO Skhotheni
IZANGOMA zanamhlanje ziyaxaka impela. Selokhu ngazalwa ngubaba nomama, angikaze ngizwe kuthiwa umuntu uyesula ekubeni yisangoma, lezi zanamuhla zize zibhale ku-social media.
UTumi Motsoeneng owaziwa ngelikaGogo Skhotheni ufake i-video ethi inkukhu ayidalelwe ukususa amabhadi, idalelwe ukudliwa.
"Iyodwa nje kuphela into esusa izono, ukwamukela uJesu njengoMsindisi," kusho yena.
Yilapho ebone khona uMzala ukuthi isigudla nayo ngempela inkolo le ntokazi.
Hhayi kulungile-ke sisi ngoba usuyikhethile indlela yakho, nokho nike nasibanga isidina nozakwenu nisabisa ngokuba yizangoma ezi-serious, kanti niyasihhemela.
Awuphele u-2025, kuningi!