Ezikaqedisizungu | 10
Friday, 04 April 2025
NGUSHAUWN Mkhize obengumnikazi weqembu likanobhutshuzwayo iRoyal AM, osekuphelile ngayo.
UMZALA ubone umbhalo kaShauwn Mkhize ethi ukubhekana nobunzima, kumenze wabona ukuthi ngubani angadla naye esitsheni esisodwa nokumele abaqhelise.
Ohhe, impilo injalo MaMkhize, phela kuthiwa 'when days are dark, friends are few'. Ufunde isifundo esibalulekile ntombi sokuthi akumele usondeze lonke uvucu empilweni yakho.
Kukho konke ningalahlani nalo nontandakubukwa onguTha Simelane, phela ukuthanda kabi.
NGUMFUNDISI Timothy Omotoso oseyindoda ekhululekile emuva kokuhlala esitokisini ngamacala awu-32 abebhekene nawo, agcine echithiwe ngenxa yokungahlangani kobufakazi.
U-TIMOTHY Omotoso ubungafunga ukuthi usezweni lakhe, uma ubuka abantu abebegcwele ngaphandle kwenkantolo beyomeseka.
He....he..he cha uMzala uyanivuma bantu baseMzansi, uma kuza enkolweni nivele niye ngobuso. Nisho ukuthi kuwo wonke lamacala awu-32 akade ebekwe wona nicabanga ukuthi uyasukelwa?
Yebo inkantolo imvunile, kodwa uMzala uthi kayinuki ingosiwanga.
NGUBRENDA Ngxoli osematheni ezinkundleni zokuxhumana ngemibhalo yakhe eneka izinkinga zakhe nasondelene nabo.
SENGATHI sesizokhathala ukulalela izinkinga zikaBrenda Ngxoli. Ekuqaleni konyaka besilalele izinkinga zakhe nomndeni saze samnikelela. Manje usesitshela ngomjolo wakhe noyise wengane.
Hhayi ntokazi, kungani kubukeka sengathi nguwena oyinkinga, phela uMzala uyakhumbula nokuthi wena wake waphumela obala ngokuthi wawuhlukumezeka kwenye inkampani yokuqopha.
UMzala uyazwelana nawe kodwa yini uhlezi uyisisulu kuyona yonke into, awuke uhlale phansi uzibheke, ubheke nabantu oziyamanisa nabo. Phela ubobuye usuke naku-social media ushaywe wumoya, kuyasiza nalokho.