Ezikaqedisizungu | 10

Friday, 28 March 2025

Woza Nazo Mzala

Image

 Ingambulala umuntu i-fashion designer kaKhuzani

TSHELANI mina ngitshele abangazi - yini le ebigqokwe yiqhawe lenu uKhuzani Mpungose emcimbini wakhe obuseCarnival City, eGoli?

Hhayi ngeke, mina ngisola abantu abasondelene nawe Khuzani, impela bayakusaba. Yini le edala bangakutsheli ukuthi ugqoke umbhedo? He he he...! Ubugqoke sengathi ubuyodlala iskeshi sojahidada.

Ake sidlule lapho, size kule yalesi statue osinikwe ngabalandeli bakho. Uzomisa kanjani ngaso vele? Sengisho ukuthi uzosibekaphi? Awuthi uMzala akucebise - uyabona laphaya kini eMandaba ngasesangweni, sibeke khona-ke lesi statue sakho. Yisona esizokugadela umuzi - izigebengu ngeke zingene zibona lobuya buso.


Image

Thinah, musa ukuzenza u-anti Phawulina

KWESINYE isikhathi kuyasiza ukuthula, kepha abanye osaziwayo bayehluleka ukuvala imbobo yophuthu, bese begaxela kabuhlungu. UMzala uzwe uThinah Zungu ekhala ngale mashi ebiseThekwini, yokulwa nendaba yabokufika abagcwele ezweni ngokungemthetho.

Umphakathi ukhale ngokuthi osaziwayo kabayijoyini ngani le mashi. Uphawulile-ke
u-aunt Phawulina onguThinah wathi phela kumele abantu bakuqonde ukuthi bona bangosaziwayo, babuye baye kuwona la mazwe abokufika ngokomsebenzi.

Wathi futhi akumele baphoqwe osaziwayo ukuthi babe yingxenye yale mashi. Ube esebuzwa ukuthi kungabe naye ungena ngokungemthetho yini kulawo mazwe - zayima emthumeni endodeni.

Ugcine esexolisa ngokuthi uvele wavula imbobo yophuthu engazange alandele kahle ukuthi ngeyani le mashi. Manzini, ukuthula akoni, futhi kuyasiza ngesinye isikhathi. UMzala uyaqonda ukuthi uyinsizwa enamahlaya kepha uma kukhulunywa ngezinto ezibaluleke kanje, ubozama ukuba serious, uphawule ngokukhalipha.


Image

Nikhaliswa yini enkulumweni kaTbo Touch?

WEMADODA nakhala kangaka ezinkundleni zokuxhumana uma uTbo Touch ongumsakazi kwiMetro FM, ethi indoda kumele kube yiyo enakekela inkosikazi!

Abanye bakhale ngokuthi ukhulunyiswa wukuthi ucebile. Ukuhamba nje emazwini akhe uthe: "Kayikho indoda okumele ilethe umuntu eduze kwayo uma ingazimisele ngokumnakekela, kungabe yingane noma ngothandana naye.

"Ukuhlala nenkosikazi yakho bese uthi ngizokhokha u-50% nayo ikhokhe u-50%; uthi uzokhokhela i-bond, wena ukhokhele
ama-rates and taxes - kwakungamele kube njalo," esho.

Hhayi uMzala akathathi sayidi, kodwa imali uma ikhona ayidliwe, ukuthi ekabani akasangene lapho.


Image

 Kanti nibaningi kangaka ebenigaqele uZozi!

WEZINSIZWA kanti nibaningi kangaka ebenigaqele uMiss Universe (2019) uZozibini Tunzi?

UMzala uzwe nixoxa nangokuthi beningazi ukuthi ujola nobani. He he he..., hhay' bandla! Manje nisho sengathi benizomshela uma eqhamuka. Nithanda kabi ukuzenza ama-hit ezinkundleni zokuxhumana LOL, njengoba nisahlulwa wukubeka amabili amathathu kwabaseduze kwenu nje. Kulungile-ke, asikubongele Mrs Bolowana.

0