Ezikaqedisizungu | 10
Friday, 14 March 2025
Siyakukhuza bo Nadiya, ngakho khuzeka...
Awusagqoki phela Bragga!
HHAYI BO ngeke, khuzani uNadia Nakai! Leya ntokazi kubukeka sengathi unyaka nonyaka izinga lokuba nqunu liyenyukela, cha ntokazi akwenziwa njalo.
UMzala uyazifela ngabesifazane abazethembeyo futhi abagqoka ngendlela abayithandayo. Kodwa-ke wena, hhayi sisi awusehlukile noZodwa Wabantu, kungathi niyizithupha ziyegwayini.
Nabalandeli bayo le ntokazi ku-Instagram, ngizwe bekhalisa okwama ambulance esithombeni sakhe sakamuva. Asethembe konke kuhamba kahle mntaka mame.
NGUDELI Malinga
Nothi namenzelani uMaMzobe?
WEBAFOWETHU ake nizame uDeli Malinga ngeminikelo, uMzala umzwile ekhala ngokuthi uqokwe kumaLadies In Media Awards (LIMA) aseKenya kodwa ushoda ngemali.
Bahlali, nihlezi nincoma umsebenzi wokulingisa owenziwa yilo sisi, pho kungani ningamhlanganiseli amasenti njengoba eshoda ngemali yokuhamba?
Phela kuyaye kuthiwe 'When days are dark, friends are few'......abaqeda umatikuletsheni bazokwazi ukuthi uMzala uchaza ukuthini.
Nothi namenzelani uMaMzobe?
Usunehaba manje maBrrrrr....
CHA-ke kodwa kwesinye isikhathi niyayivika into engekho, uMzala uzwile abanye benu beseka uBrenda Ngxoli ngokuthi uhlezi ephethe ingane yakhe kuma-interviews ngoba engenaye ozomgadela yona.
Hhayi kahleni bo! Zolo lokhu le ntokazi ibinikelelwa imali, ibhekelwa nomsebenzi....ngenhlanhla yayo imithandazo yezwakala nemisebenzi yangena ilakanyana. Manje akasekho ozoyigadela ingane?
Aniboni ngani ukuthi kwakhona lokhu kungaba yinkinga kubaqashi ukuthi uhlezi egone ingane, kumnciphisele amathuba okuqasheka.
UMzala akaphiki ukuthi kunzima ukuba ngumzali, kodwa mnta kaNgxoli usunehaba ntombi.