Izindaba| 09
Friday, 26 April 2025
Baxoshwa emabhilidini abebebhaciswe kuwona abakhahlanyezwa yizikhukhula
Mthobisi Sithole
IBEKELWE umnqamulajuqu wokuthutha imithwalo yayo, iphume emabhilidini ecushiswe kuwona wuhulumeni imindeni eyakhahlanye-zwa yizikhukhula eminyakeni emithathu edlule, eThekwini.
Bakhala esikaNandi abathole lezi zincwadi ezibazisa ukuthi kumele kufike umhla ka-30 kuNhlangulana (June) sebephumile emabhilidi-ni asedolobheni eThekwini, okubalwa kuwona i-Astra, ePhoyinti namanye. Kuthiwa la mabhilidi akhokhelwa wuhulumeni nyanga zonke ukuze bahlale kuwona.
Ngokuthola kweLANGA Lempelasonto, iminde-ni ibihlala emahholo omphakathi kusukela ngo-2022, ngesikhathi kuhlasela izikhukhula. Uhulumeni uqashe amabhilidi ukuze le mindeni ihlaliswe kuwona kusukela ngezikhukhula.
Ngokusho kwamalungu emindeni, athi ayethe-njiswe ukuthi azokwakhelwa izindlu zemixhaso uma esekhishwa kulezi zindawo abehlaliswe kuzona.
Ngesonto eledlule, laba abasebenzayo abahola kusukela ku-R3 500 abahlala kulezi zindawo ngenxa yezikhukhula, batshelwe ukuthi kufanele baphume kuNhlangulana (June).
Omunye ohlala kuyona le ndawo, uMnu Themba Myeza, uthe imali ayiholayo incane. Utshele leli phephandaba ukuthi kunzima ukuthola indawo yokuqasha.
"Bengihlala eChesterville ngesikhathi ngilinyazwa yizikhukhula. Uhulumeni wathembisa ukusakhela izindlu sonke ngoba inkinga yethu idalwe yinhleke-lele. Sebeyajika manje, bathi asikulungele ukuthola izindlu zomxhaso ngoba siyasebenza, kufanele siphume kuNhlangulana (June)," kusho uMnu Myeza. Utshele leli phephandaba ukuthi izincwadi zikhishwe wumnyango wezokuhlaliswa kwabantu.
Okhulumela uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uMnu Ndabezinhle Sibiya, uthi eminye imindeni ikulungele ukuzitholela izindawo zokuhlala.
"Ngesikhathi uhulumeni ungenelela ngokutholela imindeni izindawo zokuhlala, yingoba bekuyisimo senhlekelele. Njengamanje sekubonakele ukuthi eminye imindeni nakuba yalahlekelwa yizinto eziningi ngenxa yezikhukhula, kodwa ingakwazi manje ukuzitholela izindawo zokuhlala," kusho uSibiya.
mthobisis@ilanganews.co.za