Izindaba | 08

Friday 21 March 2025

Image

Kuphazamiseke ukufunda kusa kunengidi engaziwa esikoleni

Abazali kabeneme ngendlela okwakhethwa ngayo kuvalwa izikhala zabashiya izikhundla

"...nalapho umhloli akazange akhulume nathi, wasitshela ukuthi unezinhlelo zakhe ezibalulekile"

Thandoluhle Ngubo

KULAMULE ukufika kwamaphoyisa agqekeza ingidi engaziwa ebeyivale esangweni lesikole samabanga aphansi Isithokoziso Primary, esigcemeni sakwa-R, eMlazi, ngoLwesihlanu ekuseni.

Ngesikhathi leli phephandaba lihambele kulesi sikole lithole ngabazali abebehla benyuka ngaphandle kwesango lesikole ukuthi nakuba engaziwa ofake le ngidi esikoleni, kodwa sekuyisikhathi eside beqhuba imibhikisho ngenxa yokungenami ngesekela likathishanhloko elingene kulesi sikole ngasekuqaleni konyaka.

Umzali ongathandanga ukudalulwa, utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi leli sango livalwa nje kusukela ngasekuqaleni kwenyanga eyedlule, kuze kube yimanje bebebhikisha ngaphandle kwalesi sikole.

Ngesikhathi leli phephandaba lifika abanye babazali bebelokhu bephuma bengena, belanda izingane zabo njengoba ukufunda bekumile. Iningi labafundi beselibuyele emakhaya, kusele abayingcosana emagcekeni esikole.

"Ngonyaka owedlule kwasula esikhundleni uthishanhloko wesikole nesekela lakhe. Kwabe sekubamba othisha ababili bangaphakathi esikoleni. Lokhu kwalandelwa wukukhishwa kwesikhangiso sesikhala sikathishanhloko.

"Akukho zinhlolokhono ezenziwa futhi akukho mithetho eyalandelwa, sabona umnyango  usuletha uthisha ozoba yisekela likathishanhloko. Uma sibuza ukuthi lokhu kwenzeka kanjani asikaze sizithole izimpendulo, uma sicela imihlangano nabahloli, kabafiki.

"Ekuqaleni kwenyanga siqashe amatekisi singabazali, asihambisa emahhovisi omnyango ezingeni lesifunda, nalapho umhloli akazange akhulume nathi, wasitshela ukuthi unezinhlelo zakhe ezibalulekile," esho.

Uthi ukuvalwa kwesango akangabazi ukuthi kungenye yezindlela zabazali zokukhombisa ukudinwa.

Okhulumela uMnyango weMfundo
KwaZulu-Natal uMnu Muzi Mahlambi, akatholakalanga ukuphawula.

0