Izindaba | 08
Friday, 25 April 2025
Izelamani zishaqwe 'nezinhlokohlela zezibhamu nezinhlamvu'
INTATHELI YELANGA
ZIKHALELWE ngamasongo ka'Sgonyela izelamani zaseZakheni, eMnambithi, okuthiwa zibhadanywe nezinhlokohlela zezibhamu kubo. Abasolwa abaneminyaka ewu-44 no-49, baboshwe wuphiko lwamaphoyisa eSAPS, emuva kokuba ethole umkhondo ngabasolwa kusetshenziswa ezobunhloli.
Abasolwa bayanyaniswa noxhaxha lwamacala okubulala, namacala athinta udlame lwamatekisi. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Robert Netshiunda, uthe abasolwa bazovela namuhla ngoLwesihlanu eNkantolo yeMantshi yaseZakheni.
"Abasolwa baboshwe emuva kokuba bebanjwe nezibhamu ezinkulu. Owesilisa oneminyaka ewu-49 ubanjwe ne-AK47 nezinhlamvu eziwu-70. Uphenyo lwamaphoyisa ludlulele kwenye indlu, okuyilapho kuboshwe khona umsolwa wesibiili oneminyaka ewu-44, obanjwe nesibhamu esikhulu, i-rifle nezinhlamvu eziwu-35.
"Konke lokhu okutholakale kubasolwa akukho emthethweni. Abasolwa bayanyaniswa namanye amacala okubulala embonini yamatekisi eZakheni nakwezinye izindawo zeKwaZulu-Natal. Uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka ngenhloso yokubheka ukuthi kabukho yini obunye ubugebe-ngu obuthinta izibhamu zabasolwa," kuphetha uNetshiunda.