Izindaba | 07
Friday, 25 April 2025
Ubophele abaculi abehlukene emcimbini wakhe
Lucky Cain
UBONGA ukwesekwa akuthole ngakubo umculi we-Afro-Pop, uNaima Kay ohlela umcimbi wakhe wokuqala, obizwa ngeHomecoming All White Picnic, ozoba seSt Michaels, ePort Shepstone, kusasa ngoMgqibelo.
Lo mcimbi ubophele inqwaba yabaculi nosaziwayo abazobe bephethe uhlelo, okubalwa kubona yena uNaima, uZanda Zakuza, uNaledi Aphiwe, uMusa, uThobekile, uJumbo, uMondli Ngcobo, uMlindo The Vocalist, uBabes Wodumo, uXowla, i-Afrosoul, uGogo Skhotheni, uDJ Sox, uPrince M, uDJ Kotin, u-Amenisto, uWonder, uCostah Dollar, nabanye. Umphathi wohlelo uTha Simelane.
NGUBABES Wodumo ongasalanga kwabazonandisa emcimbini kaNaima Kay.
Ekhuluma neLANGA Lempelasonto uNaima Kay, uthe kuyintokozo ukuthi akwazi ukubuyela ngakubo, ukuyojabu-lisa abantu abameseka engena kulo mkhakha ngalo mcimbi.
"I-Port Shepstone namaphethelo yilapho konke kuqale khona ngami emculweni, njengoba kuyibona abangibonile ngisazama ukungena, bangeseka. Noma sengingenile ngokugcwele emculweni, baqhubekile bangeseka, ngakho kuhle ukuthi ngingabakhohlwa nami uma sengenza umcimbi wami wokuqala," kusho le ntokazi.
Isayine ngaphansi kwenkampani iTouch Africa, ephethwe yinkakha emculweni nasekuhleleni imicimbi, uMdu Ngcobo.
UNaima uthi okumjabulisayo yisasasa elikhonjiswa ngabantu ngalo mcimbi wakhe njengoba namathikithi eqhubeka nokudayiswa ubuthaphuthaphu.
UNaima Kay uthi abantu bangakubo bamesekile esaqala emculweni, yingakho ezojabula nabo
UZANDA Zakuza ungomunye wabaculi abazonandisa emcimbini kaNaima Kay
"Kuyangithokozisa ukubona ukuthi abantu bazimisele kangakanani ukuzothokoza nathi. Okungimangazayo wukuthi nabantu okungebona abasePort Shepstone namaphethelo, nabo bathi ngeke basale ngaphandle, bayeza," kusho yena.
Uthe maduze uzodedela enye ingoma ayenzile.
"Nakuba kukuhle ukukhipha i-albhamu, kodwa kwesinye isikhathi ezinye izingoma ziyamosheka uma zikuyona ngoba abantu abakutholi ukuzizwa kahle," kusho uNaima Kay.
Amathikithi alo mcimbi atholakala eWebticket nakwaPick n Pay naseBoxer, asukela ku-R250. UNaima Kay uthi lona wumcimbi wakhe wokuqala awenzayo, uzimisele ukuhambela amadolobha ahlukene ewenza nabaculi abahlukene.
"Noma kungeke kusaba yiHomecoming All White, kodwa ngizokwenza nje ama-All White Picnics kula madolobha," ephetha ngokuthi usazomemezela izinsuku.