Izindaba | 07
Friday, 14 March 2025
Bafuna kuvuselelwe isigodlo
seSilo uShaka KwaBulawayo
Phumlani Gama
SELIQOKIWE ikomidi lamalungu ompha-kathi elihlanganisa nosomabhizinisi bemikhakha eyehlukene elizokwengamela umsebenzi wokuvuselelwa kabusha kwesigodlo seLembe eleq' amanye amalembe ngokukhalipha, uShaka kaSenzangakhona Zulu.
Lesi sigodlo singaphansi kukaMasipala uMlalazi, eShowe. Isigodlo sibizwa ngokuthi yiKwaBulawayo. Ngokomlando, kuvela ukuthi iSilo uShaka sasichitha khona isikhathi esiningi kulesi sigodlo. Umsebenzi wokuvuselelwa kwaso ungaphansi koMnyango wezeMidlalo ezobuCiko namaSiko, KwaZulu-Natal.
UMnu Mntomuhle Khawula ube nengxoxo ekhethekile neLANGA Lempelasonto. Uthi bameme noMnyango wezokuVakasha nokuThuthukiswa koMnotho KwaZulu-Natal, ukuba ufake isandla. Uthe baphume nekha-mbi lokuba sivuselelwe kabusha lesi sigodlo ngoba sinomlando obanzi.
NGUNGQONGQOSHE woMnyango wezeMidlalo ezobuCiko namaSiko, KwaZulu-Natal, uMnu Mntomuhle Khawula.
"Lona wumsebenzi esizowuqhuba ngokuba-mbisana nenhlangano eyengamele izakhiwo nomlando kaZulu, ebizwa ngoku-thi Amafa aKwaZulu. Seliqokiwe ikomidi lamalungu omphakathi elihlanganisa nobuholi bendabuko, nosomabhizinisi abazofaka isandla ukuze umsebenzi wokwakhiwa kwalesi sigodlo uzoba yimpumelelo," esho.
UKhawula uthe kuyishwa ukuthi phesheya kwezilwandle kuyakhulunywa ngesigodlo saKwaBulawayo, kodwa kuleli akukho okuhle okwenziwa ngaso.
"EZimbabwe kunedolobha eliqanjwe ngoku-thi yikwaBulawayo. Phesheya kwezilandle kunamazwe asebenzisa igama lesigodlo uma kuqeqeshwa amasosha emazweni awo. Lapho kusuke kufundiswa ngobuciko obabusetshenziswa yiLembe uma lizophaka impi," kuchaza uKhawula.
Imeya yaseMlalazi, uNkk Queen Xulu, ithe lesi sigodlo sizobamba elikhulu iqhaza ekuthuthukisweni komnotho wendawo ikakhulukazi ohlangothini lwezokuvakasha. "Leli yifagugu lethu. Kufanele senze isiqini-seko sokuthi siyaligcina, livikelekile ukuze lizobonwa yizizukulwane ngezizukulwane.
Ukuvuselelwa kwaso kuzoheha abantu abasuka kwezinye izizwe namazwe bezobuka lapho kudabuka khona igama, iKwaBulawayo. Siwumasipala sifisa ukuthi lesi sigodlo sisentshenziselwe ukuhlolwa kwamantombazane, kubuye kube nezinhlelo zokudodiswa kwabafana," kuphetha uXulu.