Izindaba | 07

Friday, 11 April 2025

Aseqalile amalungiselelo eDundee Experience

Azoqala ukuthengiswa ngenyanga ezayo amathikithi alo mcimbi

Image

NGUMNU Vezokuhle Nala ongumhleli womcimbi, iDundee Experience.

Lucky Cain

UGUBHA iminyaka eyishumi wasungulwa umcimbi waminyaka yonke owandulela owamahhashi, iDundee July, obizwa ngeDundee Experience.

Lo mcimbi uvamise ukwenzeka uma kuphela owamahhashi njengoba uthathwa njenge-afterparty yeDundee July, kanti uvamise ukuheha izinkulungwane zabantu abasuke bezojabula, bazibonele nosaziwayo ababathandayo.

UMnu Vezokuhle Nala ongumhleli walo mcimbi, utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi sebewaqalile amalungise-lelo omcimbi walo nyaka, njengoba begubha iminyaka eyishumi bawusungula.

"Sekuwukusho nje, ukuthi sesiziqalile izinhlelo, empeleni noma usungathi mawube ngale mpelasonto, sesingawenza futhi ube yimpumelelo. Lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi sesilinde usuku lomcimbi," kusho uNala ngalo mcimbi ozoba mhla ka-19 kuNtulikazi (July).

Uthe okwehlukile kulo nyaka wukuthi lo mcimbi uzokwenzeka izikhawu ezimbili njengoba kuzoba nalo ojwayelekile weDundee Experience ngomhla ka-19 kuJuly, bese kuba nowe-picnic ngomhla ka-20, iDundee Experience Picnic.

"Sibonile ukuthi isikhathi esiningi abantu bahamba eDundee bengakafuni ngakusasa ngoba besafuna ukuqhubeka bazithokozise. Sibone ukuthi njengoba sigubha le minyaka, masiqhamuke nokwehlukile ukuze sikwazi ukugcina abantu eDundee, nomphakathi uhlomule ngezindlela ezahlukene," kusho uNala.


Image

BASUKE sebevive kanjena ngamahhashi abo ojokhi abasuke beyingxenye yeDundee July. Laba ngabebekulo mcimbi eminyakeni eyedlule.

Umcimbi wamahhashi eDundee uvamise ukuheha izinkulungwane zabantu abaqhamuka ezinkalweni ezahlukene nezwe. UNala uthe kule minyaka eyishumi behlela lo mcimbi, bakwazile ukuwukhulisa kusukela ebantwini abawuhambelayo kuya kulabo abasebenza kuwona, nalabo abahlomulayo ngawo.

"Okuhle ngokukhula kwalo mcimbi wukuthi nesibalo sabantu esibaqashile sinyukile futhi nathi sakwazi ukuthi sigcine siqasha nabanye osomabhizinisi abazohlomula ngawo," esho.

Uthe azoqala ukuthengisa ngenyanga ezayo uNhlaba (May) amathikithi alo mcimbi futhi bazoba nazo izipesheli zayo yomibili le micimbi kulabo abazofisa ukuyihambela yomibili.

Uthe ngalo mcimbi kuhlomula inqwaba yabantu nosomabhizinisi baseDundee njengoba izindawo zokulala zisuke zigcwele, kanti nabanye abadayisa ngokudla nokunye, bayahlomula. 

     

Image
0