Izindaba | 06

Friday, 21 March 2025

Uswele umgodi wokucasha umfundisi exoshwa enkantolo

Bekuvele indodakazi kaMnu Jacob Zuma, uNkk Duduzile Zuma-Sambudla

Bekuthe cwaka enkantolo, kwezwakala ucingo lukaMfu Mbanjwa selusho phezulu

Image

NGUMFUNDISI Xolile Mbanjwa oxoshwe enkantolo eyothamela icala likaDuduzile Zuma.

Isithombe ngu: John Hlongwa

John Hlongwa

UPHOXEKE kwaphela nasozwanini uMfundisi uXolile Mbanjwa webandla i-Apolostic Faith Mission egatsheni laseWembezi, e-Escourt, exoshwa eNkantolo eNkulu yaseThekwini ngesikhathi eyothamela icala lendodakazi kaMnu Jacob Zuma, uNkk Duduzile
Zuma-Sambudla.

UDuduzile ubevele kule nkantolo ngoLwesine, lapho ebhekene necala lokuphehla udlame esebenzisa inkundla yokuxhumana i-X (Twitter) ngesikhathi sezibhelu zango-2021, ezasuka ngemuva kokugwetshwa kukayise.

UMfu Mbanjwa uxoshwe yinkantolo, emsole ngokuyidelela ngemuva kokukhala kocingo lwakhe, olukhale lwabanga umsindo isiqalile ukusebenza.


IJaji uCharmaine Bolton belingagayelwa mphako enkantolo njengoba belingafuni nakumuzwa umuntu ophambana nomthetho walo. Uma kuke kwakhona onyakazayo obanga umsindo, belimxwayisa njengoba likubeke kwacaca ukuthi lifuna ukuthula enkantolo yalo.

Kungesikhathi lapho bekuthe cwaka enkantolo, kwezwakala ucingo lukaMfu Mbanjwa selusho phezulu, lukhala. Wonke amehlo ezethameli zecala, obekungamalungu eqembu uMkhonto weSizwe Party (MKP) abheke kuye.

 Izisebenzi zasenkantolo azizange zicucuze, zamcela ukuba aphumele ngaphandle. Ubonakale enyobozela, eshaya kancane eyophuma ngomnyango egqoke ukhololo wakhe omhlophe nesiphika esimnyama.

 UMfu Mbanjwa, ekhuluma ne
LANGA Lempelasonto ngaphandle kwenkantolo
uthe, lesi sehlo simphoxe kakhulu, ubengasilindele .

"Ngiphoxeke kakhulu ngokukhishwa enkantolo. Ijaji bekungamele lingikhiphe. Ngeke ngikwazi ukucisha ucingo uma ngisenkantolo ngoba ngiwumfundisi, abantu bahlale bengidinga," esho.

Icala lika-Duduzile ligcine lihlehliselwe umhla ka-14 ku-Agasti.

0