Izindaba | 06
Friday, 11 April 2025
UNandipha uthi ujabule ngendlela lo nyaka omphethe ngayo
Lucky Cain
IFIHLE induku emqubeni ngemidlalo ezobo-nakala kuyona kulo nyaka, intokazi ekho-mbisa ukukhula kumabonakude, uNandipha Khubone, ezakhele udumo idlala indawo kaSibongile, emdlalweni ongasekho emoyeni, iGomora ebikhonjiswa kuMzansi Magic.
UNandipha (osezithombeni), uzobonakala kwifilimu esanda kwethulwa ngokuse-mthethweni, iMeet The Khumalos, ezokhonjiswa kwiNetflix kusukela namhlanje ngoLwesihlanu mhla ka-11 kuMbasa (April) 2025. Kule filimu udlala indawo kaCharlotte, ayichaze njengehlukile kunekaSibongile abantu abamazi eyidlala.
Ekhuluma neLANGA Lempelasonto, uthe le ndawo ithe ukuba nzima kancane njengoba inamahlaya, okuyinto abeqala ukuyilingisa kusukela engene kulo mkhakha.
"Inginike inkinga kancane ngoba ngiyakwazi ukuhlekisa uma ngiphambi kwabantu, kodwa uma sekumele ngilingise futhi ngibhalelwe, ibe khona inkinga, kodwa okuhle wukuthi ngikwazile ukuyenza," kusho uNandipha.
Uthi kulo nyaka undizela kwelenyoni njengoba lo mdlalo usuqalile ukukhombisa ukuthi uzoba yimpumelelo kuyena.
"Engingakusho nje wukuthi unyaka ka-2025, wunyaka wami ngoba ifilimu yokuqala iMeet The Khumalos, isiphumile manje, sengilinde ukuthi kuphume imidlalo ebengiyenza ngonyaka owedlule, nayo ezokhonjiswa kwiNetflix," kusho uNandipha.
"Lindani nizokwazi maduze ukuthi ngifi-hleni, kodwa ngijabule ngendlela lo nyaka ohamba ngayo empilweni yami," esho.
Uthi uzizwa ethobekile kusukela engenile kulo mkhakha ngoba usaqhubeka nokuncela embeleni ogwansile kubalingisi ahlale esetshenziswa nabo.
"Nginenhlanhla yokusebenza nabalingisi abasezingeni eliphezulu, futhi engibahloniphayo nengifundayo kubona ngaso sonke isikhathi," kusho le ntokazi.
UNandipha uzalelwe wakhulela eThekwini, ufundele ukulingisa phesheya kwezilwandle, eNew York Film Academy, okuyilapho ethole uqeqesho olwanele ngalo mkhakha. Le ntokazi iveze ukuthi ngemuva kokuphothula izifundo zayo ngo-2020, kube kuhle ukuthi iqale isebenze kuleli ngaphambi kokubuyela phesheya isiyongena eHollywood, okuyilapho iphokophele khona.
lucky.cain@ilanganews.co.za