Izindaba | 06
Friday, 04 April 2025
Umlingisi ukhala ngekhasi lenkundla
yokuxhumana elimehlisa isithunzi
Uthi kunosebenzisa igama lakhe, afune izithombe zabantu besifazane, abhale nezinto ezibathukayo
Lucky Cain
UKHALA ngekhasi lenkundla yokuxhumana eliyisinengiso empilweni yakhe, umlingisi odlala emdlalweni omusha owuchungechunge osanda kuqala ukukhonjiswa kumabonakude, Ithonga. UBonga Dlamini (osezithombeni), uthi injabulo yakhe ibulawa yikhasi elikwiFacebook, eliqanjwe ngendawo ayeyidlala kuZalo, elibizwa ngokuthi Mkhonto, elishicilela izinto angahambisani nazo, futhi athi lingcolisa nesithunzi sakhe kulo mkhakha.
Lo mlingisi odlala indawo kaThemba kulo mdlalo okhonjiswa kuMzansi Magic phakathi nezinsuku, uthi usezame kaningi ukuyisukumela indaba yaleli khasi, kodwa kube nhlanga zimuka nomoya. Uthe oku-mkhathaza kakhulu ngalokhu okubhalwa kulona, kusetshenziswa izithombe zakhe kube sengathi nguyena obhalayo.
"Okokuqala nje, kangikaze ngifune imali kubantu noma ngabe yini engiyenzayo futhi kawekho amabhizinisi enginawo adinga ukuthi ngifune imali. Kubuhlungu ngoba kukhona abantu abazogcina belutheka, becabanga ukuthi banikeza mina imali noma basebenzisana nami," kusho lo mlingisi.
Uthi okunye okubhalwa kuleli khasi kuyathunaza, ikakhulukazi kubantu besifazane.
"Lo muntu uke abhale efuna izithombe zabantu besifazane ukuze akhethe. Angazi ukuthi uzozenzani lezi zithombe njengoba siphila ezweni lapho abesifa-zane bephenduka izisulu zokunukubezwa ngezindlela ezahlukene," esho.
UBonga ukubeke kwacaca ukuthi akakaze afune izithombe zabesifazane futhi uxwayisa abantu ukuba baqaphele, baphume kuleli khasi ngoba akulona elakhe futhi akahlangene nalo.
"Mina nginamakhasi ami abizwa ngegama lami elithi Bonga Dlamini, angisoze ngazibiza ngezindawo engizidlalayo kumabonakude ngoba ngamagama omsebenzi lawo angahlangene nami," esho.
UBonga utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi uzizwa ejabulile ukuthi izinto zimhambela kahle kwezokuli-ngisa njengoba eke wahlala isikhathi engasebenzi. Uthembise ukuthi abantu basazoyithokozela indawo kaThemba njengoba kukuningi okusazovela ngayo emdlalweni Ithonga.