Izindaba | 06
Friday 25 April 2025
Uthi ufisa umcimbi wakhe ufike ezingeni lomcimbi wamahhashi oba minyaka yonke iDurban July
Ngumsakazi woKhozi uBingelela Mpanza.
John Hlongwa
INTAKA ibekelwe amazolo emcimbini omkhulukazi kamaskandi, iNongoma Big Night Music Festival, ozoba senkundleni yezemidlalo iLindizwe, KwaNongoma kusasa ngoMgqibelo.
Lo mcimbi usungulwe wahlelwa ngumsakazi woKhozi FM, uBingelela Mpanza, osakaza uhlelo uSigiya Ngengoma. Kuzobe kungokwesibili wenziwa , njengoba uqale ngonyaka odlule.
NguMayoghurt ongomunye wabaculi abazonandisa emcimbini kamaskandi, iNongoma Big Night Music Festival nomhleli wawo uBingelela Mpanza.
UBingelela utshele leli phephandaba ukuthi kuzobe kuboshelwe inqwaba yabaculi, phakathi kwabo okubalwa uKhuzani "Indlamlenze" Mpungose, uMthandeni "Igcokama Elisha" Manqele, uScebi "Nkosi yaMagcokama" Dlamini, uMayogathi, nabanye abaningi.
Uthi nakanjani kusasa wonke amabombo azobe ebheke kwaNongoma kubathandi bomculo.
"Ngalo mcimbi asigcini ngokujabulisa abantu nje kuphela, kodwa siphinde silwe nokuhlukunyezwa kwezingane nabesifazane (GBV). Sihambela izikole, sizwe usizi lwezingane ezibhekene nalo, silekelele lapho singakwazi khona.
"Isasasa owaba nalo ngonyaka odlule, lenze yangabakhona indlela yokuthi singawenzi kulo nyaka. Silindele ukuthi siqhubeke siwenze minyaka yonke," esho.
Uhlelo kulindeleke ukuba luphathwe ngozakwabo abangabasakazi boKhozi FM, okunguTshatha Ngobe, uZimdollar Biyela, uSelbyonce Mkhize nabanye.