Izindaba | 05
Friday, 21 March 2025
Umphakathi usabisa ngokuthungela ngomlilo isithabathaba somuzi walo mculi
Phumlani Gama
USAZOQHUBEKA nokubala izinsimbi zesicabha sesitokisi umculi we-gospel, oyanyaniswa necala elibucayi lokuthumba nokushaya ilungu lomphakathi osekuphele amasonto amabili lingabonakali emphakathini wangakubo eMseleni, eMbazwane, KwaMhlabuyalingana.
UMnu Nkosikhona Tembe (osesithombeni), sekunesikhathi eside ayibamba emculweni we-gospel. Uyanyaniswa necala lokunyamalala kukaMnu Mxolisi Mdletshe (29).
UTembe ushaqwe ngamaphoyisa aseMbazwane izolo ngoLwesithathu. Ugcinwe esitokisini saseManguzi ngoba kunovalo lokuphepha kwakhe ngenxa yolaka lompha-kathi osonga ngokungena nezicabha esiteshini samaphoyisa. Umphakathi ufuna adedelwe umsolwa ukuze ezochaza maqondana nezinsolo ayanyaniswa nazo.
Kubikwa ukuthi uTembe washaya isisulu ngoba esisola ngokuthi sigqekeze emzini wakhe, santshontsha umshini wokugunda izinwele. ILANGA Lempelasonto lithole ukuthi ngoLwesithathu kusize ukufika kwama-phoyisa, iqulu lamalungu omphakathi lisonga ngokokhela ngomlilo isithabataba somuzi kaTembe.
UTembe uvele eNkantolo yeMantshi yaseManguzi ngoLwesithathu icala lakhe lahlehliselwa umhla ka-17 kuMbasa (April) kophezulu.
Ekhuluma neLANGA Lempelasonto uMnu Davide Mdletshe onguyise kaMxolisi, uthi, indodana yakhe yagcina ukubonakala ihamba nomsolwa nabantu ababili ayehamba nabo.
"Uma ngimbuza uNkosikhona, uyavuma ukuthi wayishaya indodana yami maqede wayidedela. Uthi wayishaya ngoba ethole ukuthi ingene emzini wakhe, yantshontsha okuthile. Ngifuna ukuthi angikhombise lapho ayigcine khona. Mina sengikhalela ukuthi ngithole ithambo layo indodana yami ukuze ngizoyingcwaba.
"Angikungabazi ukuthi ishonile lapho ikhona. Abazibonela ishaywa, bathi yashaywa maqede yaphonswa nakwi-swimming pool. Bathi yayishaywa ngalo lonke uhlobo lwethuluzi okukhona kuwona namafosholo. Mina ngafika emuva kwesikhathi.
"Okungiphatha kabi wukuthi nabantu ababekhona kabafuni ukukhuluma, bachaze ukuthi kwenzekani. Bonke bakhuluma izwi elilodwa, lokuthi indodana yami yashaywa maqede yashiywa naye uNkosikhona emzini wakhe.
"Nabantu ababekhona indodana yami ishaywa, kabafuni ukukhuluma"
"Yena uthi wayidedela, kodwa akanalo ulwazi lokuthi yabe isiphuma ngayiphi indlela," kuchaza uMdletshe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Paul Magwaza, uthe amaphoyisa aseMbazwane abophe abasolwa ababili, abaneminyaka ephakathi kuka-24 no-48, ngecala lokuthumba kulandela isigameko sokunyamalala kowesilisa oneminyaka ewu-28.
"Isisulu kusolakala ukuthi sathunjwa ngabasolwa ababili. Isigameko senzeka ngomhla ka-09 kwephezulu. Bobabili abasolwa bavelile eNkantolo yeMantshi yaKwaNgwanase," kuphetha uMagwaza.