News | 05
Friday, 07 March 2025
UMFUNDISI Sandile Ngiba uchazwe njengendoda ebiqotho nebingumondli wezintandane
nomduduzi wabakhathazekile
MENZI JELE
LIGQEMEKE ingozi engeqiwa ntwala iBandla, i-Evangelical Lutheran Church of Southern Africa (ELCSA), elaziwa ngokuthi ibandla lamaLuthela, ngokudlula emhlabeni isigubhukane kwenye yezinsika zalo, uMfundisi Sandile Ngiba (53).
UMfundisi uNgiba ushonele ePixley kaSeme Memorial Hospital, ngoLwesibili ntambama, kade engeniswe khona ngayizolo, ngoMsombuluko. NgoLwesine bebengena bengenile abazalwane bamabandla ehlukene, kubo kaMfundisi uNgiba, kwa-K, KwaMashu, beyobhonga emswanini.
UMfundisi uNgiba uchazwe njengomholi wezenkolo obekwazi ukuhlanganisa abantu, abakholwayo nabangakholwa, ethanda ukufunda, nokuthi kube nezinkulumo mpikiswano ezakhayo. Kuthiwa ubengomunye wabefundisi abebenza kube mnandi ukuba senkonzweni ngenxa yezintshumayelo zakhe, amancoko abenawo, izeluleko, nothando abenalo, enesiphiwo sokulalela wonke umuntu.
UMfundisi uZakhe Duma, abakhula naye eMvuzane, eClermont, uthi bekuyindoda eyohlala ikhunjulwa ngokukhalipha kwayo lena ehambile emhlabeni.
"Wasugula isiqubulo esisetshenziswayo eLuthela namanje esithi, INKOSI YETHU IYINQABA, IYISIHLANGU SETHU!
"Uma eshadisa noma esingethe umngcwabo, abantu abawethamele, babefisa sengathi lungangaphela lolo hlelo, ngenxa yokuvuseleleka nokunikwa iziyalo ebezenza impilo bayibone ngenye indlela. Ubengumuntu wabantu, yikho aze ahlonishwa ngeziqu zobudokotela.
"Ekuhambeni kwakhe emhlabeni, kushiye esikhulu isikhala, hhayi kuma-Luthela kuphela, kodwa nasemphaka-thini jikelele, ngoba ubefundisa naseNtuzuma TVET College, esingethe nezinhlangano ezingayenzi inzuzo, ezisiza imiphakathi," kuchaza uMfundisi uDuma.
UMfundisi uNgiba, wazalelwa, wakhulela eMvuzane, eClermont, entshonalanga yeTheku. Uzalelwe emndenini wama-Luthela, aseChristianenburg. Uqeqeshelwe ubufundisi e-University of KwaZulu-Natal (UKZN PMB), wathola iziqu zeBachelor of Theology (B.TH).
Uqale ukwelusa ebandleni lamaLuthela eMtubatuba, wedlulela eMarburg - eGamalakhe, ePort Shepstone. Ngo-2000, ushadelwe nguNkk Nozipho Ngiba (uMaHadebe). Amanye amabandla ake wasebenza kuwo yiKwaNyuswa Parish, uMlazi Parish (Durban South), iPinetown Parish njengoba eshone esegxile KwaMashu Parish.
UNkz Ndumi Habede, ophethe izinhlelo zokumphelekezela, uthi uMfundisi uNgiba uzofihlwa ngoMgqibelo, ngemu-va kwenkonzo ezoba sebandleni lase-Luthela (eNsindisweni) kwa-"C" KwaMa-shu. Inkonzo iyoqala ngo-9 ekuseni.
menzi.jele@ilanganews.co.za