Izindaba | 05

Friday, 25 April  2025

Inkampani yabangcwabi eqavile nohlelo lweTV lokungcwabela abaswele mahhala

Image

NGUTHEMBISA Mdoda-Nxumalo ozokwethula uhlelo Icebo Labantu kuSABC 1.

Thandi Zondi

LUZOKWETHULWA ngumethuli wezinhlelo ohlonishwayo kuleli nakwamanye amazwe, uhlelo olusha lwenkampani yabangcwabi iCebolethu.

Lolu hlelo olubizwa ngokuthi iCebo Labantu, luzosakwa nguThembisa Mdoda-Nxumalo. Luzodlala esiteshini sikamabonakude  iSABC 1, phakathi kukaNhlangulana (June) noNtulikazi (July).


ILANGA
Lempelasonto likhulume noMnu Nkosenhle Hlophe, oyimenenja yezokuxhumana kwiCebolethu, othe okuningi bazokwenza ngokubambisana nenkampani yokuqopha iThe Bar Group.

Uthe ngalolu hlelo, kuzobe kusizwa amalungu omphakathi ukuba akwazi ukungcwaba abathandiweyo bawo, kungakhathalekile ukuthi baphila impilo ekuliphi izinga.

Uthi bebevele bebasiza abantu ngaphambi kokuba kusungulwe lolu hlelo, kodwa manje sekuzoba nezinguquko ezimbalwa njengoba besebenzisana nezinye izinkampani, okungeyokuqopha neyokusakaza.

Image

" Kokunye kuyenzeka uthole ukuthi yizingane zishonelwe ngumzali, kazazi zizofihla kanjani. Kwesinye isikhathi siyakwazi ukungenelela ngokuthi sicele abasemandleni njengamakhansela ukuba basibambise," esho.

UHlophe uthi akusilo iCebolethu elizokhetha abantu, kuzoba yisiteshi esibhekelela lokho, sicubungule isimo somndeni odinga usizo.

Le nkampani ifisa ukuthi kube ngabantu abadinga usizo okwangempela, kungabi ngosomathuba. Ukufakwa kwezicelo sekuvuliwe.

Maqondana nokufakwa kwezicelo, abadingayo bangaxhumana nayo le nkampani kuzona zonke izindlela zokuxhumana.


"Sidinga kube abantu abaswele ngempela. Kuzo zonke izicelo ezizothunyelwa, ngeke kusizakale wonke umuntu ngoba kuzocutshungulwa kuqala," ecacisa nokuthi amakilayenti abo bawacacisele ukuthi lolu hlelo lungolokusiza abaswele.

Uthe ohlelweni kuzovela umndeni, kuxoxiswana nawo uchaza ngesimo obhekene naso nosuku ofisa kufihlwe ngalo, nokuthi ufisa ukufihla kuphi.

Kuzovela nezisebenzi zeCebolethu zingenelela, kanti futhi naye umsunguli weCebolethu uNkk Nomfundo Mcoyi-Zondo uzobonakala.

UHlophe uthe ngeke kungcwatshwe kugcine lapho, kodwa kuzobuye kubhekwe nesimo somndeni. Maqondana nalolo hlelo, kuzosentshenziswa uhlaka olubizwa ngeCebolethu Foundation, okuyilona oluzobe luhamba phambili, kusizwe umdeni ngezakhiwo.

0