Izindaba | 05

Friday, 04 April 2025


Bagwetshiwe ababulala umuntu bamgqiba bemsola ngokweba


UMnu Mboniseni Shazi (okwesingezansi) washaywa waze wafa, bagoqa isidumbu sakhe, baya naso ngasemfuleni basigqiba. 
UMjwara yena baya naye ehlathini bamdubulela khona, becisha ubufakazi.

Image

Skhosiphi Mthembu

BALAHLWE ngelakubo abesilisa abayisihlanu begwetshwa iminyaka ewu-25 nemfalakahlana yeminyaka ngaphezulu ngecala lokubulala owesilisa, bemsola ngokweba isikhwama esasinezimpahla, bamgqiba eduze komfula uMsunduzi, KwaDambuza, eMgungundlovu ngo-2023.

UGuzula Mbudu, uThubelihle Mthiyane, uSamkelo Gogela, uThuso Ntobizi, noNolutha-ndo Hadebe, bagwetshwe yiNkantolo yesiFunda yaseMgungundlovu ngecala lokubulala uMnu Mboniseni Shazi nelokuzama ukubulala uMnu Sphesihle Mjwara, yena owasinda emuva kokushiywa ngababulali bezitshela ukuthi ufile emuva kokumdubula.

Isidumbu sikaShazi satholakala sigqitshiwe eduze komfula uMsunduzi emuva kwezinsuku eziwu-17, sesonakele. Ngenxa yalokhu umndeni kwawuthatha izinyanga eziwu-8 ukuba ungcwabe, ulinde ulibofuzo. Bonke laba bagwetshwa nje, bebebhekene necala lokubulala, elokuzama ukubulala, elokuthumba, nelokudukisa ukusebenza kwengalo yomthetho.

ILANGA like labika ngalolu daba ngonyaka odlule kulandela ukungafiki kukaMnu Mjwara enkantolo ezokwethula ubufakazi ngemuva kokusatshiswa ngosuku okwakumele azobe-thula ngalo. Kulesi sigameko, kubikwa ukuthi ababulali basola uShazi noMjwara ukuthi bangene kubo kaGogela, ongomunye waba-gwetshiwe, bantshontsha izimpahla nezidaka-mizwa okusolwa ukuthi wayezidayisa.

Kubikwe ukuthi laba bobahlanu babe sebeshaya laba bobabili. Kuthiwa uShazi washaywa waze wafa phambi kukaMjwara, maqede bagoqa isidumbu sakhe, baya naso ngasemfuleni lapho bafike basigqiba khona. Kuthiwa bathatha uMjwara baya naye ehlathini lapho abafike bamdubulela khona ngoba becisha ubufakazi ngoba wayebabonile bebulala uShazi.

Kubikwa ukuthi bamshiya bezitshela ukuthi ufile, kanti uzokwazi ukugaqa aphumele ngaphandle kwehlathi athole usizo. Inkantolo ibagwebe iminyaka ewu-25 kwelokubulala uShazi, iminyaka ewu-8 kwelokuzama ukubula uMjwara, ewu-3 kwelokudukisa ukusebenza kwengalo yomthetho newu-3 kwelokuthumba.

UNkz Sthabile Shazi oyilungu lomndeni kamufi, uthe bagezekile ngesigwebo ababulali abasinikezwe yinkantolo. Uthi yize le minyaka eminye izohambisana newu-25, kodwa bazohla-la isikhathi eside ejele.


"Okubalulekile wukuthi bazohlala ejele ngento abayenza. Okusijabulisayo wukuthi ngeke bawuthole ushwele bengakahlali iminyaka engaphezulu kwewu-20," kusho uSthabile.

0