Izindaba | 04

Friday, 28 March 2025

Image

Akakugqizi qakala ukuhlekwa ngemfashini yakhe

UMCULI kamaskandi uKhuzani "iNdlamlenze" Mpungose nengqephu yakhe esuse umsindo, egxekwa ngayo.

Mthobisi Sithole

AKAKUGQIZI qakala ukuphendulwa ihlaya ngemfashini yakhe umculi kamaskandi obesematheni emuva komcimbi wakhe womgubho weminyaka ewu-15 eyibambile kwezomculo.
UKhuzani "iNdlamlenze " Mpungose, waseMandaba, eNkandla ubegubha  ngempelasonto eCarnival City, eGoli.

Kuphawulwe kakhulu emphakathini ngengqephu yakhe adlisele ngayo kulo mcimbi - abanye bahleke babhuquza, egxekwa ngokuthi ushaye eceleni. Ezinkundleni zokuxhumana abanye basole
i-fashion designer yakhe uKhuzani ukuthi yiyona edlale ngaye.

Image

UKhuzani uthathwe nomthungelayo uFreddy Ngema waseNanda eThekwini, weFreddy Ngema Fashion Design.

Ekhuluma naleli phephandaba uKhuzani uthe akukho okumphethe kabi ngokugxekwa kwakhe ngabanye. Uthi usuka kude nomthungi wakhe omenzele le mfashini, futhi sekuyiminyaka engaphezulu kwemihlanu emsebenzisa. Uveze ukuthi yonke imicimbi emikhulu ekhethekile ehlanganisa amaciko kamaskandi, usika ingqephu entsha, ehlukile, asuke ezovela ngayo kubathandi bomculo.

Kulo mcimbi wakhe wakamuva uKhuzani, ushintshe kathathu ingqephu eyehlukile.

"Yonke imicimbi ngithungelwa nguyena uFreddy Ngema waseNanda eThekwini, weFreddy Ngema Fashion Design. Utshelwa yimina ukuthi akangithungele ingqephu ezobukeka kanjani. Ngijabule kakhulu ngemfashini ebengiyigqokile," kusho uKhuzani.

Uveze ukuthi ukhokhe u-R25 000 ngale ngqephu ephenduke ihlaya abedlisela ngayo kulo mcimbi.
Uthi ukugqoka imfashini ehlukile kwakha isithunzi kumculi uma ezovela phambi kwamehlo abantu. Ngokusho kwakhe, nguyena kuphela okwamanje umculi kamaskandi onomsiki wakhe wengqephu.

"Eminyakeni edlule, umculi obegqoka ngendlela ekhethekile ethungelwa, nguMtshengiseni Gcwensa (ongasekho) obebonakala emicimbini ngamajazi akhe ahlukile. Emuva kwakhe ngibonile ukuthi ukuthungelwa kubalulekile ikakhulukazi emicimbini ekhethekile okushiyana kuyona ukwenza emacikweni," kusho uKhuzani.

Image

Ngakolunye uhlangothi ngqephu, uFreddy Ngema uthi sekuneminyaka ewu-10 ethungela uKhuzani. Uthi lo msebenzi uqale ukuwenza ngo-2000, wawufundela esikoleni nakuba engaziphothulanga iziqu zawo ngenxa yezinkinga zasekhaya.

Uthi usekhule kakhulu kulo mkhakha wemfashini ngoba nabalingisi bomdlalo kamabonakude iDurban Gen bebethungelwa nguyena.

"UKhuzani wacela ukuba ngimlekelele ngoba ethi ufuna ukwehluka kwabanye omaskandi. Ngiyamhlelela ukuthi uzogqoka imfashini ezobukeka kanjani, naye abeke imibono yakhe bese ngenza lokhu okufunwa nguyena. Ngijabule ngomsebenzi wemfashini esiwenze naye kulo mcimbi, nakuba bephawula abantu ngendlela ababona ngayo vele ukuphawula kwabantu kufanele kwenzeke," esho.
mthobisis@ilanganews.co.za

0